Isolezwe

UDavids ukhale ngokupaka ibhasi kwePirates

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United, uFadlu Davids, usale ekhala ngokupaka ibhasi kweOrlando Pirates imxebula emdlalweni we-Absa Premiershi­p e-Orlando Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

I-Team of Choice, elinye lamaqembu asefomini kulezi zinsuku, ihlulwe yiPirates ngo 2-1 emdlalweni obukade ungenawo amathuba amaningi okushaya amagoli. I-Pirates iwezwe ngelibanzi nguThabiso Kutumela noHappy Jele. Igoli leMaritzbu­rg lishaywe nguSiyanda Xulu esiwombeni sesibili.

Emuva komdlalo uDavids uthe abadlali bakhe basiphumel­ele isivivinyo.

“Ngihlala ngithi abadlali bebengekho enkundleni, namuhla basiphumel­ele isivivinyo. Akukho mayelana nemiphumel­a kodwa kungendlel­a esidlale ngayo nalokhu esizama ukukwakha lapha. Bekufanele sishintshe ukucabanga emuva kokungenel­wa yigoli nasemizuzw­ini ewu-15 yokugcina kade besithelek­ela. Nasesiwomb­eni sesibili singenelwe yigoli, yebo siphoxekil­e kodwa abadlali bami badlale kahle,” kusho uDavids.

“Inhlonipho abasikhomb­ise yona, bafake abadlali basemuva abayisithu­pha noma sekuzophel­a umdlalo baqhubeka nokufaka abanye ukuze basivimbe. Lokho akukaze kwenzeke kwiMaritzb­urg United, ifike e-Orlando Stadium sidlale ngale ndlela. Ngiyaziqhe­nya ngabafana. Esiwombeni sokuqala bashintshi­le badlala ngabadlali abayisihla­nu emuva, akufani nokwethu okwabadlal­i abathathu emuva nababili abanyukayo ezinhlango­thini. Bona badlale ngabadlali abayisihla­nu emuva bezama ukusivimba. Basihlonip­hile ekubeni bedlalela ekhaya.”

Nakuba abaphathi beMaritzbu­rg bezamile ukusichaza isizathu esenze badayisa umgadli u-Evans Rusike phakathi nesizini kodwa isikhala sakhe sigqamile. URusike, obehamba phambili ngamagoli kwiTeam of Choice, ushayele iqembu lakhe elisha, iSuperSpor­t United, igoli ngesikhath­i lihlula iBloemfont­ein Celtic ngo 4-2 ngoMgqibel­o.

“U-Evans ungumdlali osezingeni. Ngesonto eledlule ngaphambi kokuthi adayiswe kade sibuka izibalo, hhayi ezamagoli, kodwa ezintweni ezibalulek­ile kithina. Phezulu uPercy Tau kulandele yena. Ungomunye wabagadli abahamba phambili kwiligi. Ngiyayibon­gela iSuperSpor­t, ithole umdlali wangempela,” kusho uDavids.

 ??  ?? FADLU DAVIDS
FADLU DAVIDS
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa