Owe-Arrows usongela iChiefs
UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows uClinton Larsen usongela iKaizer Chiefs abazodudulana nayo emdlalweni weLast 32 yeNedbank e-FNB Stadium, eGoli ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Ngempelasonto i-Arrows iguqiswe ngabakhaya bayo AmaZulu ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
ULarsen utshele abezindaba ngemuva komdlalo wezakhe noSuthu ukuthi ingcindezi ikwiChiefs hhayi kubona.
“Umdlalo weChiefs siwulindile futhi sibheke ukudlulela esigabeni esilandelayo. Lapha kwi-Arrows asicabangi ngendlela engezukusiyisa phambili. Ngaso sonke isikhathi sihlale sicabanga ngezinto ezizosiyisa phambili. Sesike sadlala neChiefs ekuhambeni sabuya nephuzu futhi lokho kucacisa kahle ukuthi siyakwazi ukuthola imiphumela ekuhambeni.
“Imidlalo yethu neChiefs ihlale ishubile. Ingcindezi ikubona ukuthi banqobe isicoco ngoba akubukeki sengathi bazokwazi ukudla isicoco seligi kule sizini. Nginesiqiniseko sokuthi izinto bazibuka ngeso leqiniso futhi bayakuqonda ukuthi uma iSundowns iqhubeka nokuthola imiphumela emihle, amathuba okuyibamba mancane. Yonke ingcindezi ikubona ekutheni banqobe lesi sicoco okuyinto emnandi kithina. Angingabazi ukuthi bazofaka wonke umfutho ekuphakamiseni lesi sicoco yingakho kuzomele sizinikele ngokuphindiwe,“kusho uLarsen.
IChiefs sekuphele amasizini emibili nohhafu ingasinqobi isicoco. Amakhosi agcina ukudla isicoco kusekhona uStuart Baxter osecija iBafana Bafana. IChiefs eyaziwa njengamakhosi ezicoco eNingizimu Afrika, yagcina ukuphakamisa isicoco se-Absa Premiership ngo-2014/15.
Umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, usathungatha isicoco sakhe sokuqala engumqeqeshi. ULarsen uke wasinqoba neBloemfontein Celtic ngo-2012. Wawina eseTelkom Knockout eguqisa iMamelodi Sundowns. I-Arrows izobhekana neChiefs ngaphandle kukaDanny Venter othole ikhadi elibomvu ngempelasonto bedliwa Usuthu. “Imidlalo yemikhumulajezi mihle ngoba yehlisa ingcindezi yemidlalo yeligi. Nathi sifuna ukukhohlwa kancane okwenzeka kwiligi.
Sifuna ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano. Kulesi sigaba sesizini, wonke amaqembu alwela ukusonga ngenothi eliphezulu. Iningi lamaqembu seliphumile embangweni wesicoco seligi, libona ithuba elihle lokuzitholela
isicoco.
“Ngesizini edlule kwala kancane ukuthi sifike kowamanqamu. Ukushaywa ngamaZulu kuzosigqugquzela ekutheni silwele ukuvuka ngeChiefs. Yinto esihlale sixoxa ngayo ngaso sonke isikhathi ukubuya ngemuva kokuthola induku. Asibona abantu abagxila kakhulu ezintweni ezimbili kodwa sigxila kakhulu kulokhu okuhle,“kusho uLarsen. I-Arrows ifinyelele kumasemi final ngesizini edlule kulo mqhudelwano. Igcine ikhishwe yi-Orlando Pirates.
Imidlalo yeNedbank Cup Last 32: