UTinkler akayingeni eyeNedbank Cup
UMQEQESHI weSuperSport United, ethwele kanzima emidlalweni ye-Absa Premiership yize iwinile ngoMgqibelo, u-Eric Tinkler, uthathe isinqumo esingajwayelekile ebholeni laseNingizimu Afrika ngesikhathi enika abadlali bakhe abamqoka ikhefu ngaphambi kokuqala kweNedbank Cup.
UTinkler, osaphumelele ukunqoba imidlalo yeligi eyisithupha kwewu-20 asebeyidlalile kule sizini, uthe yena nabaphathi beqembu bakubona kungewona umqondo ophusile ukugxila ekuvikeleni isicoco seNedbank Cup ekubeni isimo seqembu sisibi kwiligi.
Kumasizini amabili edlule iNedbank igcine kuwona aMatsatsantsa a Pitori yingakho kwethusile okushiwo uTinkler ebuzwa ngomdlalo wabo neBloemfontein Celtic ngeSonto ngo-3.30 ntambama, eDr Molemela Stadium.
“Nginabadlali abakhathele ngenxa yokungaphumuli iminyaka emibili. Iqembu lisesimeni elingakaze libe kusona (njengoba wonke umuntu ebona). Sithathe isinqumo sokungazikhathazi ngeNedbank kepha siyinike abafana abancane ukuthi baziveze.
“Esikwatini sami nginabadlali abayisishiyagalolunye engibaphumuzile kusukeka siqeda ukudlala neCeltic. Bazoze babuye emsebenzini ngoMsombuluko. Isimo sibi ngakho akufanele senze sengathi akukho lutho ngoba lokho kungasisondeza nokulahlekelwa yigunya lethu lokudlala esigabeni esikhulu,” kusho uTinkler.
Mayelana newini kwiCeltic uthe ujabule kodwa ufisa ukuthi la maphuzu akhumbuze abadlali bakhe ukuthi baseqophelweni eliphezulu kangakanani.
“Besiwadinga amaphuzu. Okujabulise kakhulu wukuzinikela abakukhombisile. Bekuvele kungasifanele ukuhlulwa. Siwakhe ngendlela amathuba sawasebenzisa. Ngicabanga ukuthi kwawona amagoli amabili sibaphile.
“Ngifisa ukuthi lo mphumela ubakhumbuze abadlali bami ngezinga labo. Uma kungenzeka lokho sizokwenza kahle emidlalweni embalwa esele. Akekho owaziyo ukuthi kuzokwenzekani ekugcineni njengoba iligi icinene kanje. Mhlawumbe singazithola sikwiTop 8,” kuphetha uTinkler.