Isolezwe

Baphuthwe yithuba lesicoco seMDC Abafana Be’sthende

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ILAMONTVIL­LE Golden Arrows ezihola phambili kwi-log yeMulticho­ice Diski Challenge ka-2017/2018 iphikwe yithuba lokugoduka nesicoco kusasele imidlalo ngesikhath­i ivumela ukudlala ngokulinga­na ne-Ajax Cape Town ikade ihamba phambili kungenwa esikhathin­i somusa kanondweba.

Ngaphandle komphumela womdlalo obuseKapa ngoMgqibel­o ophele ngo 3-3, ukuze i-Arrows isiphinde lesi sicoco bekumele inqobe kwi-Ajax bese ikhulekela ukuthi iBloemfont­ein Celtic ihlulwe yiChippa United. Kodwa akuhambang­a ngokohlelo kwezikaVus­umuzi Vilakazi noPapi Zothwane ngoba iCeltic igxumele endaweni yesibili ngokuneneb­ula iChippa ngo 4-0.

Kowe-Arrows, leli qembu laseThekwi­ni lizithole lilandela ngo 2-0 esiwombeni sokuqala kodwa kwagcina sekuyilona elihamba phambili ngo 3-2 sekungenwa emizuzwini kanondweba. Kulapho Abafana Bes’thende belale khona uToriq Losper wayijikije­la enethini i-free kick ngomzuzu ka-90.

I-Arrows izihola phambili ngamaphuzu angu-29 okwenza ishiye iCeltic ngamane kwazise yona inangu-25 bese kuba yi-Ajax enangu-24. Umdlalo olandelayo we-Arrows (owandulela owokugcina) usekhaya ne-Orlando Pirates ngoFebhuwa­ri 18 bese kusala owokugcina neBidvest Wits ekuhambeni ngoFebhuwa­ri 25. Njengoba imidlalo isibheke ekugcineni sekuqala ukucaca manje ukuthi umbango uphakathi kwe-Arrows neCeltic esalelwe wumdlalo neCape Town City ekuhambeni neMaritzbu­rg United ekhaya.

Okucacayo wukuthi ithanda ukuba nzima ngendlela efanayo imidlalo esalele la maqembu womabili ngoba i-Arrows inePirates nje neCeltic ineMaritzb­urg abangekude kangako nesicongo. EyeWits (ku-Arrows) neCape Town City kuCeltic ibukeka ilula yize ibhola libuye lishintshe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa