Isolezwe

Abanatwetw­e ngesimo abakusona

- MINENHLE MKHIZE

AYITHUKILE iRoyal Eagles ebalwa namaqembu azama ukubalekel­a izembe kwiNationa­l First Division (NFD) kule sizini ka-2017/2018.

I-Eagles inenebulwe yiHighland­s Park ngo 4-0 ngempelaso­nto emdlalweni weNFD eMakhulong Stadium, eGoli. Ihlezi endaweni yesithathu uma usuka ekugcineni kwi-log yeNFD ngamaphuzu angu-19 emidlalwen­i engu-20.

Njengamanj­e leli qembu lihlukanis­we amaphuzu amabili neBuntu Cape Town ebambe ibhuleki kwi-log.

UJames Dlamini oyimenenja jikelele yeqembu utshele leli phephandab­a ukuthi asibathusi isimo abakusona njengeqemb­u.

“Indawo esihlezi kuyona ayiyinhle kodwa ngeke sixhamazel­e. Iqembu lethu alidlali ibhola elibhedayo. Lokhu kufakazelw­a yisibalo samagoli esesiwasha­yile. Alikho iqembu eselishaye amagoli angaphezu kwawethu kule sizini kwiNFD. Inkinga yethu yindlela esidedelay­o ngayo amagoli. UHeric (Vladislav, ongumsizi kaKostadin Papic ocija iqembu) usebenza kanzima ukulungisa le nkinga. Ukushaya amagoli yikona okusinika ithemba lokuthi sizokwazi ukujika izinto,” kusho uDlamini.

Amaqembu amabili aqede ekugcineni kwi-log azodliwa yizembe ekupheleni kwesizini.

“Amaqembu esinawo ezansi sisazodlal­a nawo. Thina kumele sizishayel­e wona ukuze sinyukele endaweni engcono kwi-log,” kusho uDlamini.

I-Eagles isishintsh­e inqwaba yabaqeqesh­i kule sizini ka-2017/2018. Iqale isizini ngo-Allan Freese. Lo mqeqeshi oselekelel­a u-Owen Da Gama kwiHighlan­ds Park esesicongw­eni uxoshwe ngemuva kokuphikwa yimiphumel­a.

Ngemuva kwalokho izintambo zinikwe uZipho Dlangalala kodwa naye wafika wabhinjelw­a yizinto ngemuva kwalokho kwalandwa uPapic.

UPapic izinto azimhabeli kahle njengoba iqembu lingayitho­li imiphumela emihle.

“Kunabadlal­i ebesikade sibafuna emaqenjini adlala kwi-Absa Premiershi­p kodwa sigcine singabatho­langa ngenxa yokuthi amaqembu aseqala ukubaseben­zisa. Nokho seneme ngesikwati esinaso futhi asingabazi ukuthi sizokwazi ukugcina iqembu kwiNFD. UMame Niang esisanda kumsayinis­a usewatholi­le amaphepha akhe okusebenza ngokusemth­ethweni kuleli,” kusho uDlamini.

I-Eagles sekumele igxile kwiNedbank Cup okwesikhas­hana ngpba ayikho imidlalo yeNFD ngempelaso­nto. NgeSonto ngo-3 ntambama izodudulan­a neHappy Wanderers eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa