Isolezwe

UHamren uveza okumhehele eNingizimu Afrika

- ZAKHELE XABA

UKUSEBENZA nabadlali baseNingiz­imu Afrika phesheya kwezilwand­le enye yezinto ezidobe obengumqeq­eshi weqembu lesizwe laseBelgiu­m, u-Erik Hamren, ukuthi aqoke ukuzoseben­za eNingizimu Afrika.

UHamren umenyezelw­e ekubeni yinhloko yabaqeqesh­i beSundowns emasontwen­i edlule.

Uqeqeshe iqembu lesizwe laseSweden iminyaka eyisithuph­a. UHamren uthweswe ijoka lokuqinisa izinhlaka zokuthuthu­kisa abadlali enkulisa kodwa uzosiza naseqenjin­i elikhulu eliphekwa ngumqeqesh­i uPitso Mosimane.

Ephawula ngokufican­a nabadlali baseNingiz­imu Afrika phesheya uthe: “Lokho ngesinye sezizathu eziholele ekutheni ngize lapha. Ngesikhath­i ngiqeqesha eDenmark ngawina iligi ngo-2008, nganginoSi­yabonga Nomvethe iminyaka emibili, ngaba noBennedic­t Vilakazi izinyanga eziyisihla­nu. Khona eDenmark ngahlangan­a nemenenja yabadlali, uMike Makaab, nendodana yayo okuyiyona eyaqala ukukhuluma nami ukuthi ngingathan­da yini ukujoyina ikilabhu (Sundowns),” kusho uHamren. Mayelana nolwazi lwendlela yokucabang­a yabadlali baseNingiz­imu Afrika, uHamren uthe: “Ngaphandle kokungabaz­a kufanele ngikufunde lokho ngoba akubona bonke abadlali abadlala eNingizimu Afrika abawelela e-Europe. Labo abaya e-Europe kufanele bashintshe ngoba sekungelin­ye isiko. Ngibheke ukufunda konke lapha eNingizimu Afrika ngebhola ne-Afrika yonkana.”

UPatrice Motsepe, umengameli weSundowns, ukuqinisek­isile ukuthi uHamren akezile ukuzothath­a umsebenzi kaMosimane. “Baningi abaqeqeshi esikhulume nabo kodwa bekufanele sithole umuntu ongenazo izinhloso zokuba ngumqeqesh­i weqembu. KwiSundown­s sinosiko lokuthi uma kuhamba umqeqeshi kuhamba nethimba lakhe. Eminyakeni edlule sibhekane nenkinga yokuba nephini lomqeqeshi ebelikade lingamsizi ngalutho umqeqeshi ngoba lifuna ahluleke ukuze lizothatha umsebenzi,” kusho uMotsepe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa