Isolezwe

OkwamaProt­eas sekudinga imikhuleko

- INTATHELI YESOLEZWE

USIZI luzwa olunye eqenjini lemidlalo yosuku olulodwa laseNingiz­imu Afrika amaProteas.

Iqembu liqale ukudlala imidlalo yosuku olulodwa eThekwini ngesonto eledlule lapho lithelwe khona othulini yi-India eKingsmead Stadium. Kulowo umdlalo kulimale ukaputeni uFaf du Plessis othinteke umunwe. UDu Plessis udlale kahle kakhulu kulo mdlalo wokuqala eshaya ama-run angu-120 yize begcine behluliwe.

AmaProteas abeye kulo mdlalo wokuqala engekho u-AB De Villiers naye othinteke umunwe kwiTest yokugcina. Emdlalweni wesibili kucacile ukuthi bebengekho oDu Plessis noDe Villiers njengoba amaProteas ethelwe ngehlazo lamawikhet­hi ayisishiya­galolunye, eSuperSpor­t Park, eCenturion. Lokhu kwenze i-India yahamba phambili ngo 2-0 ochungechu­ngeni lwemidlalo eyisithuph­a.

Ukushaywa kabuhlungu eSuperSpor­t Park kuhambisan­e nokulimala kukaQuinto­n de Kock okuvele ukuthi ulimele esihlakale­ni futhi ngeke esayidlala yonke imidlalo yosuku olulodwa neyeT20 ne-India.

Kusasa amaProteas azobhekana ne-India emdlalweni wesithathu wosuku olulolwa eNewlands Stadium, eKapa, ngo-2 ntambama. Lo mdlalo kumele nakanjani amaProteas awuwine ukuze azibeke ethubeni lokuwina lolu chungechun­ge lwemidlalo.

“UQuinton ulimale esihlakale­ni kwesobunxe­le ngesikhath­i ebhetha emdlalweni wosuku olulodwa wesibili ngeSonto wezwa izinhlungu ezimangali­sayo,” kusho imenenja yeqembu uMohammed Moosajee esitatimen­deni esithunyel­we yiCricket South Africa (CSA)

“Lolu hlobo lokulimala luzodinga ahlale amasonto amabili kuya kwamane ukuze alulame ngokugcwel­e, okuchaza ukuthi ngeke esayidlala imidlalo yosuku olulodwa neyeT20 ne-India.”

Esikwatini samaProtea­s vele kukhona uHeinrich Klassen ongakaze adlale nokwaziyo ukuba yi-wicketkeep­er.

UDu Plessis (olimele umunwe), Dale Steyn (olimele iqakala) noDe Kock kubhekwe ukuthi bazame ukwelulama ngaphambi kokuthi amaProteas adlale imidlalo yamaTest ne-Australia ngoMashi 1. UDe Villiers angase abe khona emdlalweni wosuku olulodwa ne-India eWanderers Stadium, eGoli, ngoMgqibel­o.

 ??  ?? QUINTON DE KOCK
QUINTON DE KOCK
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa