Isolezwe

UDolly uya eziveza kwiMontpel­lier

- MTHOKOZISI MNCUSENI

KULOKHU kujwayelek­a eqenjini lakhe laseFrance kumdlali weBafana Bafana, uKeagan Dolly, ophinde waba nesandla ekwenzeni kahle kweMontpel­lier elokhu inombele njalo kwi-log yesigaba esikhulu iLeague1.

Ngesikhath­i efika eqenjini elinqobe ngo 2-1 kwi-Angers ngoMgqibel­o, uDolly uthwale kanzima eqiwa yijezi ekhona kodwa waqhubeka nokusebenz­a ngokuzikha­ndla. Esuka kwiMamelod­i Sundowns ubethwelwe ngeqoma ukuthi uzofika angene khaxa e-Europe kodwa kwacaca ukuthi akulula.

Le ligi ithwalise kanzima uKermit Erasmus obengaqali ukudlala phesheya kwezilwand­le. Nakuba u-Erasmus ethwele kanzima kwiStade Rennes, uDolly uya ngokuya uyaziveza. Ngempelaso­nto wakhe elinye lamagoli abanqobe ngawo ngaphambi kokuphunyu­zwa ngomzuzu ka-68.

Omunye umdlali weBafana odlala kule ligi uLebohang Phiri weGuingamp, ubesenkund­leni umdlalo wonke leli qembu linqoba ngo 1-0 kwiRennes (asemabhukw­ini ayo u-Erasmus yize elizwa ngendaba ijezi). Lo mdlalo ubungeSont­o.

Okunguyena okumhambel­a kahle kunabo bonke abadlali bakuleli abazinze e-Europe uThulani Serero osanda kuzidingis­a yena kwiBafana ngoba ekhala ngokubizel­wa eqenjini kodwa angadlalis­wa.

Uwudlale wonke iqembu lakhe iVitesse linqoba ngo 2-0 kwiGronige­n ngoLwesihl­anu ebusuku.

IGronigen, eyake yadlalelwa uGlen Salmon wodumo kwiSuperSp­ort United, idlalelwa ngumgadli oseke wathi qu kwiBafana uLars Veldwijk. Ugcine engenile lo mdlali owungqwazi imizuzu ewu-25 yokugcina kodwa wehluleka ukuphazami­sa uSerero. E-England, uKamohelo Mokotjo udlale imizuzu ewu-76 ngesikhaht­i iBrentford enephupho lokudlala amaPlay Off kwiChampio­nship yaseEnglan­d, ikhala ngaphansi ngo 3-0 uvela kwiDerby County ebalwa kubangwa ukukhuphuk­ela kwiEnglish Premiershi­p ekupheleni kwesizini. No-Andile Jali weKV Oostende akadlalang­a bebambana ngo 1-1 neZulteWar­egem.

UMay Mahlangu ubedlala kwiDinamo Bucuresti idlala kuba u 2-2 neCS Craiova Dinamo.

ETurkey uLebohang Manyama ubengabosh­elwe iKonyaspor ibambana ngo 1-1 ne-Istanbul Basaksehir.

Kuthiwa uTokelo Rantie usexoshiwe kwiGencler­birligi emuva kokungaziw­a kwakhe ukuthi ukuphi kusukeka ngoOkthoba.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weBafana Bafana uKeagan Dolly useyazama ukuzinza eqenjini lakhe eFrance
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weBafana Bafana uKeagan Dolly useyazama ukuzinza eqenjini lakhe eFrance
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa