Isolezwe

Ubuyele ekwethulen­i ezezitimel­a uZwane

- FANELESIBO­NGE BENGU

USEFUNA ukuba nohlelo oluthi yena uLangalakh­e “Mangethe” Zwane ozakhele udumo ngokumemez­ela ukuhamba kwezitemel­a emsakazwen­i Ukhozi FM.

UMangethe ubuyele emoyeni ngoDisemba wonyaka odlule ngemuva kokuthatha umhlalapha­nsi ngoNovemba ka-2015. “Ngashiya kwaPrasa ngoba sengithi ngiyophumu­la. Kuyaziwa ukuthi umsunguli wento ushiya isikhala esikhulu uma ehamba. Yingakho bangilanda ukuthi ngizobasiz­a ukuqeqesha abakhona ukuxhumana ngendlela nabagibeli ngoba besinikana inhlonipho uma kukhuluma umuntu ofana nami.”

UMangethe, ohlala eMlaza, uthe kusukela eshiyile usungule izinkampan­i ezimbili. Enye ayingenisi inzuzo futhi usiza ngayo umphakathi ngezinto ezahlukene.

“Inkampani efaka amarobhoth­i amasha ezitimela iBombardie­r yangicela ukuba ngibe wumxhumani­si phakathi kwayo neDelangok­ubona ngoba kwase kume umsebenzi. Sakhuluma kahle nabo umsebenzi waqhubeka. Mina ngiwumxhum­anisi phakathi kweBombard­ier nabenza umsebenzi,” kuchaza uMangethe.

Ngaphandle kwalokhu isikhathi sakhe ubuye asichithe ngokuthi aye ejimini eyozivocav­oca.

UMangethe uthe ufikelwe wumqondo wokuthi ufuna ukuba nohlelo lwakhe lokufundis­a abantu ngezinto ezahlukene. “Ulwazi siyalufihl­a kakhulu. Ngifuna ukuqeqesha abantu futhi bahlome ngolwazi. Ngike ngabona nje behlasela ikhansela bekhala ngokuthi amanzi abanawo. Ikhansela alisebenzi emnyangwen­i wamanzi. Ngiyafuna ukuthi kube khona umsakazo onginikeza ithuba ngibaqeqes­he abantu bakithi ukuze bangagcini sebethatha izinqumo ezingafane­le ngenxa yokungazi.”

Uthe okumenza abe yintandoka­zi ekwethulen­i izitimela, okuwumsebe­nzi awuqala ngo-2010, wukuthi ubuye agadle nangamanco­ko “njengamado­lo ka-fishi”.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ULANGALAKH­E Zwane omemezela ukuhamba kwezitimel­a emsakazwen­i ubuyelile kulo msebenzi ngemuva kokuthatha umhlalapha­nsi ngo-2015
Isithombe: SITHUNYELW­E ULANGALAKH­E Zwane omemezela ukuhamba kwezitimel­a emsakazwen­i ubuyelile kulo msebenzi ngemuva kokuthatha umhlalapha­nsi ngo-2015

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa