UZuma wenze intando yaphikisayo
UBHEKWE ngabomvu umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC esizonquma namhlanje ngekusasa likaMengameli Jacob Zuma.
Lesi sigungu sizohlangana eKapa ngemuva kokubizwa kwalo mhlangano ophuthumayo ukunquma ngokwehla esikhundleni kukaZuma.
Lokhu kulandela isimemezelo sokuhlehliswa kwenkulumo ebibhekiswe esizweni izolo obekumele, ibe kusasa ePhalamende ngoba izimo zingavumi ukuthi kube nale nkulumo.
UZuma uthe nguyena obhalele uSomlomo wePhalamende uNksz Baleka Mbete enxusa ukuthi kuhlehliswe inkulumo. Lokhu kutolikeke ngokuthi selugobile uphondo kuyena njengoba le nto ayenzile ebeyifunwa amaqembu aphikisayo.
Uthe ubhalele nosihlalo womkhandlu wezifundazwe ngoba kukhona izimo ebezingavumi ukuthi kuqhubeke le nkulumo.
Lezi zimo azidalulwanga ukuthi ziyini ngokhulumela uZuma izolo uDkt Bongani Ngqulunga.
Sekunendida ngokuthi ngubani obhalele omunye phakathi kukaZuma noNksz Mbete. UNksz Mbete uthe bese benqume ukuthi bambhalele bamnxenxe ukuthi ahlehlise inkulumo yakhe.
Emhlanganweni ababe nawo noZuma bathole ukuthi ubesephezu kwencwadi ebabhalela ebanxusa ukuthi kuhlehliswe inkulumo.
“Eminyakeni emine edlule bekuba nokuphazamiseka kwale nkulumo. Indaba yenkulumo ebhekiswe esizweni yinto ebalulekile ePhalamende yingakho ngemuva kokuzwa izinkulumo zokuphazanyiswa kwayo siphakamise ukuthi ihlehliswe,” kusho uNksz Mbete.
Uthe inkulumo ihlehliswa ukuze kuzinze isimo sezepolitiki ePhalamende.
“Siyibhekelele nendaba yokuthulwa kwesabelo sezimali emasontweni amabili azayo okungamele kuphazamiseke. Sifuna ukuqinisekisa abantu ukuthi ukuhlehliswa kwale nkulumo kwenziwe kubhekelelwa iPhalamende kanjalo nezwe. Usuku olusha okuzothulwa ngalo inkulumo lusazomenyezelwa,” kusho uNksz Mbete.
UNksz Jessie Duarte, iPhini likaNobhala we-ANC, uthe yindaba ebucayi le ye-ANC.
Uthe kunesithombe sokuthi uZuma ayimkhathazi indaba yokwehla kwakhe wathi akunjalo iyamkhathaza.
“Asikho isinqumo esisathathwe yisigungu esiphezulu ngendaba yokuthi umengameli ehle esikhundleni. Isigungu yima sizohlangana bese sinquma ngalolu daba oluthinta uwonke wonke. Sahlangana nomengameli siwubuholi obuphezulu emzini wakhe ePitoli, saxoxa samtshela esikucabangayo wasitshela akucabangayo. Lokhu esikuthunywe yikomiti elibhekela ukusebenza kwansuku zonke kwenhlangano sizokudlulisela emhlanganweni wesigungu esiphezulu senhlangano okuyiso esizothatha izinqumo,” kusho uNksz Duarte.
Uthe bazokwazisa izwe ngezinqumo zalo mhlangano.
Ebuzwa ngokuthi uma umengameli enqaba ukwehla esikhundleni yikuphi abazokwenza, uthe emlandweni wenhlangano akekho owake wanxuswa ukuthi ehle wanqaba.
UNksz Duarte uthe noma kungathiwa isinqumo esizothathwa yinhlangano awuhambisani naso akufanele usigxeke esidlangalaleni kodwa kumele usamukele.
Izolo uZuma kuthiwa ubizele emhlanganweni ongqongqoshe namaphini abo okuwumhlangano okuthiwa ubizwa njalo.
UNgqulunga ukuchithile ukuthi uZuma ubize umhlangano oyisipesheli weKhabhinethi.
“Bekuwumhlangano wamakomiti eKhabhinethi ohlelwa kusasele izinyanga. Imihlangano efuze le iba njalo ngoLwesibili, Lwesithathu noLwesine. Umhlangano weKhabhinethi uzoba ngesonto elizayo ngakho akukho okungajwayelekile ngalo mhlangano,” kusho uNgqulunga.
UNgqongqoshe wezokuXhumana, uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane, uthe abanye ongqongqoshe bebengekho kulo mhlangano obujwayelekile.