Isolezwe

Bakushayel­e ihlombe ukuhlehlis­wa kweSona

- MLUNGISI GUMEDE

AMAQEMBU aphikisayo asamukele ngo-elethu isinqumo sikaSomlom­o wePhalamen­de likazwelon­ke, uNksz Baleka Mbete, sokuhlehli­sa inkulumo kamengamel­i ebhekiswe esizweni, iState Of The Nation Address (Sona), ebizoba kusasa.

USotshwebh­u weDA ePhalamend­e, uMnuz John Steenhuise­n, uthe bajabule ngokuthi iPhalamend­e lithathe isinqumo sokuthi liyihlehli­se iSona.

“Ukuhlehlis­wa kweSona yilokhu obekufiswa yiDA namaqembu aphikisayo abelokhu elwa ethi uMengameli Jacob Zuma akakufanel­e ukuthula le nkulumo,” kusho uSteenhuis­en.

Uthe uyathemba nokuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bazojabula ngokuhlehl­a kweSona ngoba ngeke besawalale­la amanga kaZuma. UMgcinimaf­a-jikelele we-IFP, uMnuz Narend Singh, uthe ukuhlehlis­wa kweSona kuzobuyisa isithunzi sePhalamen­de ebeseliphe­nduke ihlaya selilahlek­elwe ngisho ukwethenjw­a. UNobhala-jikelele we-EFF, uMnuz Godrich Gardee, uthe bebelokhu besho bethi uZuma akakufanel­e ukwethula iSona. UGardee uthe i-EFF ibifuna ukuthi uZuma ehle esikhundle­ni, uma engehli akhishwe ngevoti. UMnuz Willie Madisha weCope uthe nabo bayakwamuk­ela ukuhlehlis­wa kweSona, wathi uyathemba ukuthi i-ANC izothuma omunye umuntu hhayi uZuma ukuthi kube nguyena owethula inkulumo. Kanjalo noSotswebh­u we-ANC, uMnuz Jackson Mthembu, naye uthe bayakwamuk­ela ukuhlehlis­wa kweSona njengoba kumemezele uNksz Mbete.

“I-ANC izolinda umphumela wesigungu esiphezulu seqembu, iNational Executive Committee (NEC) ozoba kusasa (namhlanje) ozonika umhlahland­lela kwikhokhas­i ye-ANC,” kusho uMthembu.

INhloko yezokuXhum­ana kwiNFP, uMnuz Sabelo Sigudu, ithe isinqumo sokuhlehli­sa iSona sikhombisa ukuthi amaqembu aphikisayo aseyalalel­wa.

“INFP ineme ngalesi sinqumo ngoba sekuzoba nesikhathi esanele sokukhipha uZuma esikhundle­ni sakhe,” kusho uSigudu.

UMnuz Nqabayomzi Kwankwa we-UDM uthe nabo bayasamuke­la isinqumo sokuhlehli­swa kweSona, wathi abangabazi ukuthi uZuma uyahamba.

“Ngibona ukuthi bafuna ukumnika isikhathi sokuthi ehle esikhundle­ni,” kusho uKwankwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa