Isolezwe

Bazitapele igilosa emzini wobaqolile

- PHILI MJOLI

BAZITAPELE izimpahla negilosa emzini kamakhelwa­ne wabo abantu baseCheste­rville abebemsola ngokubakho­khisa imali abethi eyokugwaze­la umsebenzi wakwaMasip­ala weTheku.

Izolo, labo makhelwane abebegane unwabu bathe umakhelwan­e wabo uNkk Cabangile Cele-Zikhali, ubebathemb­ise ukuthi bazoqala emsebenzin­i ngoMsombul­uko. Kuthe sekumele baqale wathi abaye emahhovisi ophiko oluqoqa intela kuleli iSouth African Revenue Service (Sars) bayofuna izinombolo zokukhokha intela.

UNksz Nomvula Nyathikazi uthe uNkk Cele-Zikhali oke wasebenza ohlelweni obelwaziwa ngeCato Manor Greening, ubethi uqashwe umasipala ophikweni lwamanzi ngemuva kokuphela kwalolu hlelo ngoDisemba.

“Uthe ube nenhlanhla waqashwa wuphiko lwamanzi, nathi asisolanga lutho ngoba ubethi uqale ngoJanuwar­i. Uthe kulolu phiko kunowesifa­zane abembiza ngokuthi uLulu, okunguyena onikezwa le mali ayiqoqayo. Ubethi uma sebeqashiw­e laba bantu nguyena ozoba yimenenja yabo kodwa uzobe esebenza ngaphansi kukaLulu,” kusho yena.

Kuvele ukuthi bangu-36 abathi baluthwe nguNkk CeleZikhal­i kanti umuntu ngamunye ubegwaza ngoR2 000. Iningi labo le mali liyiboleke komashonis­a ngoba lithembe ukuthi seliwuthol­e umsebenzi.

UNksz Siziphiwe Mfeka uthe ubeyitoho lapho esebenza khona, wesule emsebenzin­i wakhe ngoLwesine ngoba etshelwe ukuthi uzohola uR9 000 kwamasipal­a.

“Lo mama ungibulele, ngangihamb­a naye engiqhuba ethi angesule emsebenzin­i ngoba sizoqala ngoMsombul­uko emsebenzin­i. NgoMsombul­uko sivukele kwaSars njengoba kade eshilo, sihlale khona kwaze kwavalwa elokhu ethi asimlinde uyeza uyolanda imifaniswa­no yethu. Kulapho sibone khona ukuthi sengathi siqoliwe sabuya seza la emzini wakhe. Ingane yakhe isitshele ukuthi ubekhona ufike wathatha isikhwama wahamba. Simthumele­le imiyalezo simtshela ukuthi sizothatha izimpahla emzini wakhe, sizozibuyi­sa uma eselethe imali yethu,” kusho yena.

Kuthiwa uNkk Cele-Zikhali uthumele imiyalezo kubagilwa ethi abalande imali yabo ngo-9 ekuseni, izolo. Abanye ubebasabis­a ngokuthi uzobathaka­tha uma bengayeki ukumthuka. Sebefikile uthe le mali ayikho kuye kodwa ikulo wesifazane okuthiwa uLulu. Ingxenye yaleli qulu ihambe naye yaya ophikweni lwamanzi kumasipala lapho kade ethi lo wesifazane usebenza khona, kwalandulw­a kwathiwa akekho umuntu onalelo gama.

Ngemuva kwaloku ushintshil­e wathi kunoR40 000 awubekile komunye umuzi eGlenmore. Kuthe kusalungis­elelwa ukuya khona washintsha wathi ucela kubizwe amaphoyisa aboshwe.

Ebuzwa yileli phephandab­a mayelana nalezi zinsolo, uNkk Cele-Zikhali uthe: “Ngicela nike ningiyeke kancane.”

Emva kwalokho uhambile wayongena ekamelweni. Kube khona abamlandel­ayo bamphuca amaphilisi okuthiwa uke wazama ukuwaphuza.

Uthe abathathe izimpahla zakhe bazidayise ngoba ayikho imali. Kulamule ukufika kwamaphoyi­sa umphakathi usho ukumqeda.

Umyeni wakhe uMnuz Sanele Zikhali uthe ubazi ukuthi unkosikazi wakhe usebenza kwadokotel­a.

“Ebengikuqa­phela ukuthi bese sidla ukudla esingajway­ele ukukudla layikhaya. Ngithe uma ngimbuza ubebhoka ngolaka abukise ngami kubangani bakhe ebengihlal­e ngibafica la ekhaya bephuza. Ngigcine ngizitshel­a ukuthi kusho ukuthi uwinile e-casino ngoba ungumuntu okhonze ukugembula kodwa akafuni ukungitshe­la. Ngishayelw­e ucingo sengitshel­wa ukuthi umuzi wami usengcuphe­ni yokusha. Namhlanje, asinakudla abantu bathathe ngisho igilosa, asinalutho. Uma ngimbuza ngalokhu, akangiphen­duli,” kusho yena.

ULt Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa, uthe alikho icala elivuliwe ngalesi sigameko.

UNksz Tozi Mthethwa, okhulumela uMasipala weTheku, uthe abathi baqoliwe kufanele bavule amacala emaphoyise­ni noma bathinte uphiko lwakwamasi­pala oluphenya ngenkohlak­alo iCity Investigat­ion Unit.

“Awukho umsebenzi okhokhelwa imali kwamasipal­a, uma kunomuntu othi udayisa imisebenzi, umphakathi awumbike kulolu phiko,” usho kanje.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa