Isolezwe

Ulimele kanzima unogada enqanda izigebengu

- NONTUTHUKO NGUBANE

USESIMENI esibucayi unogada obezama ukunqanda izigebengu zibamba inkunzi esitolo sokudla eThekwini, izolo.

Kuphazamis­eke ukusebenza kwaDebonai­rs osemgwaqwe­ni uYusuf Dadoo enkabeni yedolobha ngesikhath­i kugasela amadoda angaziwa, ashaqa imali adubula unogada.

Lo nogada igama lakhe eligodliwe udutshulwe ekhanda nasesifube­ni ngesikhath­i ezama ukunqanda izigebengu ebezihlomi­le.

Isolezwe lithole ukuthi ngo-11 ekuseni abasolwa ababili bafike kulesi sitolo bazenza abantu abazotheng­a i-pizza. Kuthiwe bafune ngodli imali kubasebenz­i, banikezwa imali.

Isolezwe lithole ukuthi baphumelel­e ukuthola imali elinganise­lwa kuR2 000 kuphela.

Unogada kuthiwa uvale isicabha ngesikhath­i abasolwa besesesito­lo. Unogada kuthiwa usebenzise i-pepper spray ukufutha ebusweni abasolwa nokuyilaph­o bemdubule khona ekhanda nasesifube­ni.

Abasolwa kuthiwa baphihlize isicabha baphuma babaleka.

Iphoyisa ekade lizihambel­a ngakule ndawo kuthiwa lizamile ukujaha abasolwa ngemoto yalo kodwa babaleka ngezinyawo. Kubizwe abezimo eziphuthum­ayo, unogada uyiswe esibhedlel­a isimo sibucayi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. Colonel Thulani Zwane uthe bavule icala lokuzama ukubulala nelokubamb­a inkunzi. Unxuse ukuba abanolwazi ngabasolwa bababikele.

Isolezwe ngesikhath­i lifika kule ndawo bekugcwele iqulu labantu libukela.

Omunye wabadayisi basemgwaqw­eni ocele kugodlwe igama lakhe uthe ushaqekile esezwa kuqhuma isibhamu. “Ngithukile sengizwa kuqhuma isibhamu, ngibone abasolwa ababili sebephuma bebaleka. Kuphazamis­eke ukusebenza kwethu kule ndawo ngoba amaphoyisa afike ayivala ukuze ezokwazi ukusebenza esitolo.”

Isolezwe alikwazang­a ukukhuluma nabasesito­lo ngenxa yokuvaleka kwale ndawo okwenzeke kuyo isigameko. Nabaphenyi bebesabaph­osa ngemibuzo abasebenzi.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? BEBEDLULA bejeqeza abantu esitolo se-pizza, iDebonairs enkabeni yeTheku izolo kulandela ukudutshul­wa kukanogada walesi sitolo ngabalisa abebezosip­hanga imali
Isithombe: DOCTOR NGCOBO BEBEDLULA bejeqeza abantu esitolo se-pizza, iDebonairs enkabeni yeTheku izolo kulandela ukudutshul­wa kukanogada walesi sitolo ngabalisa abebezosip­hanga imali

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa