Isolezwe

Zisabisa ngokukuphi­nda lokho izitshuden­i

- PHILI MJOLI

ZISABISA ngokuphind­a zivale umgwaqo kusasa izitshuden­i zase-University of South Africa (UNISA), eThekwini uma zingayitho­li incazelo ecacile mayelana nokuxhaswa kwazo yisikhwama sezimali iNational Students’ Financial Aid Scheme, iNSFAS.

Lezi zitshudeni zikusho lokhu ngesikhath­i zizokwesek­a ozakwabo oSamukelis­iwe Ndlovu, Nompumelel­o Nduli noMlekelel­i Shandu abebevele enkantolo yeMantshi eThekwini izolo ngecala lokususa udlame emphakathi­ni.

Izitshuden­i ziphume ngebheyili kaR500 umuntu emunye.

UXolo Magutshwe, uMengameli weSASCO kule nyuvesi uthe ukuboshwa kwalazi zitshudeni kungenye yezindlela zamaphoyis­a zokubasabi­sa ukuthi zingaqhube­ki nokulwela imfundo yamahhala ezithenjis­iwe.

Omunye wezitshude­ni ongathanda­nga ukudalulwa, obeyingxen­ye yabebezokw­eseka ababoshiwe uthe: “Amaphoyisa ehluleka izigebengu zigwaze isitshuden­i amanxeba awu-10. Lesi sitshudeni sisesimeni esibucayi esibhedlel­a. Azobopha abantu abalwela imfundo? Ngeke siyeke ukulwela ilungelo lethu lokufunda, uma izikhulu zakwaNSFAS zingacacis­i ukuthi sizokhokhe­lwa nini. Sizovala umgwaqo omkhulu eThekwini uWest Street (Dkt Pixley kaSeme). Sifuna imfundo yamahhala esithenjis­we yona. Njengamanj­e asibhalisi­we silinde wona uNSFAS esingazi ukuthi kungani ungasikhok­heli.

Izitshuden­i ziboshwe ngoLwesibi­li ngesikhath­i zibhikishe­la ukuthi lesi sikhwama asikhokhil­e okwenza ukuthi zingabhali­swa.

Lesi sikhungo sivaliwe, sizovulwa kusasa njengoba kuzoba nomhlangan­o nezikhulu zakwaNSFAS nezitshude­ni, ozocacisa ngokukhokh­elwa kwazo.

IMantshi elingathol­akalanga igama layo ithe akwamukele­kile ukuthi uma izitshuden­i zinezikhal­o ngento ethile bese zivala imigwaqo.

“Ukulwa nabantu bomthetho kuyicala elibi futhi izehlakalo ezinjengal­esi sezivamisi­le. Ngenxa yalokhu ngizonisha­ya ngoswazi oluncane ngebheyili kaR500.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa