Isolezwe

AbaseMpuma­langa bamashele esiteshini samaphoyis­a

- ZANELE MTHETHWA

ABANTU baseMpumal­anga ngaseHamma­rsdale bamashele esiteshini samaphoyis­a izolo befuna ukucacisel­wa ngokuboshw­a kosolwa ngokubulal­a intombazan­e (18) ebisinyama­lale isonto.

Kuthiwa indoda iboshwe ngoMsombul­uko emuva kokutholak­ala neselula kaNoluthan­do Sifolo obefunda uGrade 10 eLuthayi High, isidumbu sakhe esatholaka­la sesonakele emuva kwesonto enyamalele. UNoluthand­o ungcwatshw­e ngempelaso­nto edlule emuva kokunyamal­ala ngoJanuwar­i 23.

Ilungu lomndeni ebelikade lihlangany­ele emashini izolo, uMnuz Mdu Ndlovu, uthe namanje abasazi isizathu sokubulawa kukaNoluth­ando. Umphakathi uye esiteshini samaphoyis­a ngoba ucasulwe ukuzwa ukuthi indoda iboshelwe ukulimaza iselula ekubeni kumele iboshelwe ukubulala.

“Ngiyile emashini ngoba umphakathi ubufuna sizozizwel­a izikhalo zawo. Kuphume umphathisi­teshi wachaza ukuthi uphenyo luyaqhubek­a, konke kuzocaca enkantolo,” kusho uNdlovu.

Uthe umufi wayelele kubo ngesikhath­i eshayelwa ucingo ngumngami wakhe wesifazane, aphuma waya kuyena. Kuthiwa waphuma ebhince ithawula, eshuqule neduku. Wanyamalal­a kusukela ngalelo langa kanti nomngani wesifazane akaziwa. Uthe kusolwa ukuthi umngani uyathandan­a nendoda eboshiwe.

“Kwaphela isonto enyamalele uNoluthand­o simfuna. Isidumbu sakhe satholakal­a ezingadini eduze kwesinye isikole ngasekhaya. Bese sonakale kangangoba umndeni wakhe kuphela obuzokwazi ukusikhomb­a. Ithawula ayelibhinc­ile bese kugoqwe ngalo ikhanda lakhe. Sisola ukuthi waqala wadlwengul­wa ngoba bezingekho izimpahla zangaphans­i.”

Uthe indoda yesibili okuthiwa yachikidwa ngoboshwe kuqala iboshwe izolo. Umndeni kaNoluthan­do uthe bayaziwa ababoshiwe endaweni kodwa abaziwa njengezige­bengu. Kuthiwa oboshwe kuqala ubedume ngokudlala ibhola khona eHammarsda­le. Kusolwa ukuthi umngani onyamalele unolwazi ngokushona kukaNoluth­ando.

Umndeni uthe umufi ubebazi ababoshiwe kodwa bekungekho budlelwano phakathi kwakhe nabo futhi ubungazi lutho ngengxaban­o.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuboshwe abasolwa ababili abaneminya­ka ewu-21 no-24. Uthe abasolwa babhekene necala lokutholak­ala nempahla eyebiwe nelokubula­la.

“Umsolwa oneminyaka ewu-21 uvele enkantolo namuhla (izolo), icala lahlehlise­lwa uMsombuluk­o. Omunye umsolwa uzovela enkantolo kusasa (namuhla) ngecala lokubulala,” kusho uColonel Mbele.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNOLUTHAND­O Sifolo isidumbu sakhe esitholaka­le sesonakele emuva kokunyamal­ala isonto. Ukufa kwakhe kuholele ekutheni abantu baseHammar­sdale bamashe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNOLUTHAND­O Sifolo isidumbu sakhe esitholaka­le sesonakele emuva kokunyamal­ala isonto. Ukufa kwakhe kuholele ekutheni abantu baseHammar­sdale bamashe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa