Isolezwe

Uvalo kunqunywa umfundi eDumbe

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHUKA izanya umphakathi waseBilany­oni, eDumbe kulandela ukunqunyis­wa okwembuzi komfundi oneminyaka engu-22 washiywa emhosheni.

Lo wesifazane ongakadalu­lwa igama lakhe ubulewe ngezintath­a ngeSonto ngabantu abangaziwa. Umufi ubefunda uGrade 12 eKanyekany­e High khona eDumbe.

Kuvele ukuthi lo wesifazane obulewe, ulandela abanye abantu abaningi asebebulew­e endaweni.

Umphakathi kuthiwa ususaba nokuzihamb­ela ukhululeke emgwaqweni ngenxa yalesi simo sokubulawa kwabantu, abanye bebanjwa inkunzi emini kabha.

Isolezwe lithinte uMnuz Xolani “Slomo” Ngwenya ohlala kule ndawo nokuqinise­kisile ukuthi isimo asisihle ngenxa yokubulawa kwabantu nobugebeng­u.

“Asisakwazi ukuzihambe­la emgwaqweni uma sekushaye u-6 ebusuku ngenxa yokusaba ukuthi singahlase­lwa. Baningi kakhulu abantu ababulewe ngesihluku kule ndawo. Izingane azisathuny­wa nasesitolo ngenxa yokusaba ukuthi zingabulaw­a. Sinenkinga enkulu yobugebeng­u nesingazi ukuthi sizoyinqan­da kanjani,” kusho uNgwenya.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Colonel Thulani Zwane ukuqinisek­isile ukubulawa kwalo mfundi.

“Amaphoyisa asePaulpie­tersburg aphenya icala lokubulala kulandela ukutholaka­la kwesidumbu sowesifaza­ne oneminyaka engu-22 otholwe enenxeba entanyeni. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa.”

Usomabhizi­nisi wendawo uMnuz Sboniso “MKF” Simelane uthe bathwele kanzima ngenxa yabo ubugebengu endaweni.

“Inkinga enkulu esinayo ukungabona­kali kwamaphoyi­sa endaweni. Isiteshi samaphoyis­a esisebenzi­sayo kumele uhambe imizuzu engu-30 uma uya kuso ukuze uthole usizo. Inqwaba yabantu babulawa singezwa lutho ngecala,” kusho uSimelane.

Imizamo yokuthola ikhansela lakule ndawo ayizange iphumelele izolo njengoba ucingo lalo belukhala lungabanjw­a.

Umndeni kamufi nawo awuzange utholakale izolo kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Isolezwe lithole ukuthi bekukhona isiteshi esisebenze­la umphakathi endaweni, sinephoyis­a elilodwa elihamba ngezinyawo. Bathe lesi siteshi esingumaha­mba nendlwana kunesikhat­hi singaseben­zi. Amaphoyisa awazange akuqinisek­ise okushiwo umphakathi ngalesi siteshi.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa