Isolezwe

I-DA nomkhankas­o wokuheha intsha

- MLUNGISI GUMEDE

UMHOLI weDA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango uthi iqembu labo lizimisele ngokuheha intsha njengoba lisemkhank­asweni wokwehlisa amandla kaKhongolo­se abe ngaphansi kuka-50%, okhethweni lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uMncwango uthe sebejube uNksz Mbali Ntuli ukuthi kube nguyena iNhloko yezemikhan­kaso eqenjini ngenhloso yokufeza iphupho labo lokudonsa ivoti labantu abasha.

“Iqiniso lithi iningi lentsha lintula amathuba emisebenzi futhi abantu abasha abavoti ngokuthi obani ababesemza­balazweni, bavota ngokuthi ubathembis­ani,” kusho uMncwango.

Uthe bayathemba ukuthi uNksz Ntuli uzowenza ngempumele­lo umsebeni wakhe.

“UNksz Ntuli ungumholi owaziwayo oseke waba yikhansela waphinde wahola intsha yeqembu, ukubeka yena kulesi sikhundla sokuhola imikhankas­o kuzoyisiza kakhulu inhlangano,” kusho uMncwango.

UNksz Ntuli obeyilungu lesiShayam­thetho KwaZulu-Natal wesulile khona njengoba esenikwe lo msebenzi omusha.

Kumanje iqembu limatasa nohlelo lokuvala isikhala sakhe.

UMncwango uthe basazobona ukuthi isikhala sikaNksz Ntuli basivala ngobani.

UMncwango akazange afune ukuphumela obala ukuthi uzoya yini esiShayamt­hetho njengoba kulindelek­ile kulandela ukuthi uphinde wakhethwe kabusha njengomhol­i wenhlangan­o esifundazw­eni.

“Uma unguSihlal­o weqembu esifundazw­eni, lokho kukwenza ukuthi kube nguwena ophambili ohlwini lwamagama, kulele kumina ukuthi nginqume ukuthi ngiyaya yini esiShayamt­hetho noma ngiqhubeka nokuhlala eThekwini kodwa isinqumo engizosith­atha sizobe sincike ekutheni ikuphi okuzosiza inhlangano,” kusho uMncwango.

Uthe ngemuva kwengqungq­uthela ka-2015, unqume ukuthi angayi esiShayamt­hetho ngoba kade efuna ukulungisa isimo saseThekwi­ni aphinde akhulise neqembu khona. “Ngicabanga ukuthi ngikwazile ukukhulisa iqembu eThekwini ngaphinde ngakwazi ukudala uzinzo enhlanganw­eni eThekwini nakwisifun­dazwe, uma kwenzeka ngihamba eThekwini anginalo uvalo ngabaholi engingabas­hiya khona,” kusho uMncwango. Uthe njengoba kubhekwe okhethweni ngonyaka ozayo bazophinde bagxile nakubafund­i basemanyuv­esi ngenhloso yokunxenxa amavoti abo. “Sifuna ukunxenxa amavolonti­ya amaningi avela emphakathi­ni ehlukene, emakhaya

nasemadolo­bheni,” kusho uMncwango.

Uthe sebesungul­e umkhankaso weVukuzakh­e ngenhloso yokusiza intsha entula imisebenzi.

“Siphezu komkhankas­o iSakh’ingomso ozogxila ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme ozobe ubhekelele ngqo ukusiza abafundi ezinkingen­i zabo ozoba uholwa inhlangano yethu yabafundi iDemocrati­c Alliance Student Organisati­on (Daso),” kusho uMncwango.

UNksz Ntuli uthe uzizwa ethobekile ngokuthenj­wa iqembu ukuthi limnike umsebenzi obaluleke kangaka wokuhola imikhankas­o yeqembu.

“Ngizimisel­e ngokuthi lo msebenzi ngiwenze ngempumele­lo ukuze ngingabaph­oxi abaholi bami,” kusho uNksz Ntuli.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa