Isolezwe

Ithuba lokuvusele­la imininingw­ane kubavoti

- MHLENGI SHANGASE

KUZOVULWA ithuba lokuthi abavoti bayovusele­la imininingw­ane yabo bafake namakheli eziteshini zokuvota ngenyanga ezayo.

Ikhomishin­i ebhekele ukhetho kuleli i-Independen­t Electoral Commission (IEC) izovula ithuba lokuthi abavoti bakwazi ukuya ezikhungwe­ni zokuvota ukuze bagcwalise le mininingwa­ne ngoMashi 10 noMashi 11 njengoba kunokhetho lukazwelon­ke ngonyaka ozayo.

UMnuz Sy Mamabolo, isikhulu esiphezulu se-IEC, uthe zonke iziteshi zokuvota ezingu-22 612 zizobe zivuliwe kusuka ngo-8 ekuseni zivalwe ngo-5 ntambama.

Uthe kuzobe kubhaliswa abazovota, kuvunyelwe labo abashintsh­e indawo yokuhlala asebehlala kwenye indawo ukuthi babhalise kabusha kuphinde kusizwe labo abafisa ukufaka amakheli abo kule nhlangano.

“Ukhetho kulindelek­e ukuthi lube ngoMeyi kuya ku-Agasti 2019. Kubaluleki­le ukuthi abantu babhalisel­e ukuvota ikakhulu njengoba iNkantolo yoMthethos­isekelo ngo-2016 yasinika kuze kube uJuni kulo nyaka ukuthi siqiniseki­se ukuthi bonke abavoti banamakhel­i,” kusho uMamabolo.

Uthe basebenzis­e neminye imininingw­ane abayithole kwa-SASSA, Telkom, Post Office, uMnyango wezaseKhay­a neStats SA. Bangu-25.8 million abantu ababhalise­le ukuvota, kulaba abangu-19.4 million abanamakhe­li aphelele, u-3.5 million amakheli awaphelele kuthi u-2.8 million awunawo nhlobo amakheli. UMamabolo uthe nyakenye bathule uhlelo lokuthi abavoti babhalise amakheli abo ngeinterne­t. “Siyadinga ukuthi umphakathi uphume uyobhalise­la ukuvota ufake namakheli ikakhulu intsha eno-16 weminyaka enomazisi.” Abaya eziteshini zokuvota abaphathe omazisi noma omazisi besikhasha­na.

“Akudingeki incwadi eveza ukuthi umuntu uhlalaphi. Silindele ukuvula izikhungo zokuvota noMashi kanti siyabanxus­a abavoti ukuthi baphume ngobuningi babo.”

Abafuna ulwazi bangashaye­la ku-0800 11 8000 phakathi nezinsuku. Abafuna ukubheka ukuthi amakheli abo akhona kwa-IEC bangathume­la iSMS ku-32810 bafake inombolo kamazisi kule SMS.

Abantu bangaya nakwi-internet ku:www.elections.org.za/MyIEC/ Account/Register) ukuze babhalise amakheli abo.

Abavoti bayanxuswa ukuthi babhalise amakheli abo ngaphambi kokuphela kukaMeyi nonyaka.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa