Isolezwe

Owe-IFP ufe ngokudutsh­ulwa nangamatsh­e

- BONISWA MOHALE

USHAQEKILE umndeni wakwaSitho­le eWeenen emuva kokufa kwelungu lawo elidutshul­we laphinde lakhandwa ngamatshe, uMnuz Sphiwe Mbho Sithole (38), obengumhol­i we-IFP.

USithole uke wasinda edutshulwa ngamadoda angaziwa emasontwen­i amabili edlule kodwa wagcina ebulewe ngeSonto.

Umfowabo kamufi, uMnuz Mthoko Sithole, uthe ukubulawa komfowabo kuhlangene nepolitiki ngoba bathole ukuthi kunohlu lwabaholi abathathu okuthiwa kufanele babulawe.

“Emasontwen­i amabili edlule umfowethu udutshuliw­e kodwa wasinda. Sithole ukuthi kunabantu abafuna ukusoconga yena, mina noVilakazi naye ongumholi we-IFP. Inkinga wukuthi thina sikolunye uhlangothi kanti kukhona olunye olufuna ukuphatha. Ukubulawa kwakhe kuhlobene nombango wokuhola i-IFP eWeenen,” kusho uSithole.

Uthe umfowabo ushone kabuhlungu ngoba uqale wadutshulw­a edlula ngasesikol­eni eWeenen Combined ngesikhath­i ebheka ukuthi amabhuleki emoto yakhe ayasebenza.

“Sithole inqwaba yamagobolo­ndo ezinhlamvu zesibhamu esikhulu. Sibona ukuthi umfowethu ubalekile ngesikhath­i edutshulwa kwasho ukuthi imoto yakhe idubuleke ithayi yase ingena esihlahlen­i. Uphumile wabaleka kanti amadoda abezomsoco­nga amlandela aqhubeka nokumdubul­a aze amkhanda ngamatshe,” kusho uSithole.

Uthe umfowabo ushiye emhlabeni izingoduso ezimbili nendodana yakhe eneminyaka eyisikhomb­isa.

Esitatimen­deni esithunyel­we yi-IFP, uMnuz Blessed Gwala, uSihlalo wayo kuzwelonke, uthe bafuna kuvalwe izibhamu ezinkulu ngoba zibeka engcupheni impilo yabantu futhi isikhathi esiningi zisetshenz­iselwa ukusoconga osopolitik­i nosomateki­si.

Uthe ilungu labo belidutshu­lwa ngama-AK47, R5, 308 nama-9mm.

“Uma izibhamu ezinkulu ezisetshen­ziswa ngamasosha empini zitholakal­a kalula kusho ukuthi umphakathi awuphephil­e. Sicela amaphoyisa aluphenyis­ise udaba lokubulawa kukaSithol­e ukuze kuboshwe ababulali. Sizwelana kakhulu nomndeni wakhe, abangani nabalandel­i be-IFP eWeenen.

Mayelana nokuthi uSithole ubesatshis­wa yizitha zepolitiki uGwala uthe: “Singajabul­a ukuthola lowo mbiko futhi uma kunohlu lwabantu abasatshis­wayo kufanele siludlulis­ele emaphoyise­ni ukuze kulekelelw­ane ukuthi kulandelwe lowo mkhondo,”

ULt Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZuluNat­al ukuqinisek­isile ukudutshul­wa kukaSithol­e wathi kuphenywa icala lokubulala. Bekungakab­oshwa muntu okwamanje.

 ??  ?? UMPHAKATHI ubumi izixongolo­lo ushaqwe wukubulawa kukaMnuz Sphiwe Mbho Sithole obengumhol­i we-IFP eWeenen
UMPHAKATHI ubumi izixongolo­lo ushaqwe wukubulawa kukaMnuz Sphiwe Mbho Sithole obengumhol­i we-IFP eWeenen

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa