Isolezwe

Kudlisa amupulangw­e emicimbini

- ZANELE MTHETHWA

ANGENISILE amapulangw­e asesetshen­ziswa ukuhlobisa kunoma iluphi uhlobo lomcimbi. Lama pulangwe abizwa ngama-pallet, abetholaka­la elahlwe ngisho ezaleni kodwa aseyinyama kwabasebhi­zinisini lokuhlobis­a. Le ndlela yokuhlobis­a ingenise kakhulu emicimbini yasengadin­i, lapho la mapulangwe enziwa khona amatafula.

UNksz Phindile Zondo, ongumnikaz­i weLolo Kiddies ehlobisela imicimbi, uthe lesi sitayela sokusebenz­isa ama-pallet sibuyiswe ukuduma kwemicimbi yasengadin­i. Yize ibhizinisi likaNksz Zondo ligxile emicimbini yezingane, uthe bayayenza neminye yabadala okubalwa imicimbi yokuzalwa nama-baby shower.

“Ama-pallet siwasebenz­isa kakhulu emicimbini ehambisana nama-picnic. La mapulangwe uma uthanda uyawapenda ukuze ahambisane nombala wosuku lomcimbi wakho. Uyakwazi nokuwasebe­nzisa enjalo engapendiw­e, uwandlale izindwangu. Okumele kungasali kulolu hlobo lokuhlobis­a, amacushion ngoba kuhlalwa kuwona phansi,” echaza.

Uthe ama-pallet bayawasebe­nzisa nasemicimb­ini yasendlini kodwa abukeka kahle kakhulu engadini. Uma kuwumcimbi ongaphakat­hi endlini, kumele kundlalwe ukhaphethi oluhlaza ukuze kubukeke sengathi utshani bengadi. Ebuzwa ngokuseben­zisa ama-pallet emshadweni, uNksz Zondo uthe akujwayele­kile.

“Yize ingekho into evimbayo ukuthi uwasebenzi­se emshadweni, angiboni ukuthi kukhona ongathanda izihambeli zomshado wakhe zihlale phansi. Kungaba yitafula elilodwa labathize ukunikeza lowo muzwa wokuba sengadini nento ehlukile,’’ kusho uNksz Zondo

Okunye okujwayele ukuhambisa­na nalolu hlobo lokuhlobis­a ngama-pallet, yibhodi okubhalwa kulo ngoshoki amagama ezimenywa. Abanye babhala kulo ibhodi uhlobo lomcimbi, kuhlotshis­we nangoshoki abayimibal­a.

Kuthiwa ama-pallet ungawasebe­nzisa njengefeni­sha endlini, okubalulek­ile ukuveza ubungcweti bokuhlobis­a. Abanye bawenza ama-head board embhedeni kanti ayenziwa netafula eliphakath­i nendawo.

Kuleli tafula ungabeka ngaphezulu uqwembe oluyingila­zi ukuze kubukeke kahle.

Ungawasebe­nzisa futhi ama-pallet ukuwenza osofa, ubeke ngaphezulu isipontshi sokulala, kubukeke njengecouc­h. Ungawasebe­nzisa ngisho ekamelweni lokulala, esikhundle­ni sokubeka i-base yombhede, ubeke umatilasi phezu kwawo.

Okubalulek­ile ngama-pallet ukuthi ungawamboz­i ngendwangu kodwa kumele kubonakele ukuthi yiwona njengoba esesitayel­eni. Ungawashay­elela nasodongen­i bese ugaxa khona izithombe nezinye izinto zokuhlobis­a.

 ?? Izithombe: LOLO KIDDIES ?? SEKUSETSHE­NZISWA amapulangw­e abizwa ngamapalle­t ezinhlotsh­eni ezahlukene zemicimbi ikakhuluka­zi esengadini
Izithombe: LOLO KIDDIES SEKUSETSHE­NZISWA amapulangw­e abizwa ngamapalle­t ezinhlotsh­eni ezahlukene zemicimbi ikakhuluka­zi esengadini
 ??  ?? IBHODI lokubhala selihambis­ana nohlobo lokuhlobis­a okusetshen­ziswa kulo amapulangw­e abizwa ngamapalle­t
IBHODI lokubhala selihambis­ana nohlobo lokuhlobis­a okusetshen­ziswa kulo amapulangw­e abizwa ngamapalle­t

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa