Isolezwe

Kumele uhehe umphako ophathiswa ingane esikoleni

- ZANELE MTHETHWA

INGANE idinga ukwenzelwa umphako ohehayo ukuze iwuqede esikoleni, ingabuyeli nawo ekhaya.

Lokhu kushiwo nguNksz Nono Mbuyisa ongumpheki neNutritio­nist, okhuthaza abazali ukuthi babe nezindlela ezahlukene ukwenza umphako wezingane. Njengoba kusanda kuvulwa izikole, baningi abazali abadunyelw­a amakhanda ukuthi liyophela nini isonto benza umphako. Abanye bagcina beziphathi­sa umphako ofanayo izingane ngoba bengazi ukuthi yini abazoyenza.

UNksz Mbuyisa uthe ingane kumele iphathe umphako onempilo kodwa akusho ukuthi abazali kumele baqale phansi bathenge izibiliboc­o. Uthe bangaseben­zisa lokhu abanako emakhabeth­eni nasemafrij­ini ukwenza umphako ohehayo.

“Okubalulek­ile ngesitsha somphako sengane ukuthi kumele sihehe. Izingane azifuni ukuphatha umphako kodwa uma uheha ziyawujabu­lela. Uma ingane ibona isinkwa sisikwe ngenye indlela, iyasidla icabange ukuthi sehlukile. Siyazi ukuthi azizifuni nezithelo kanti kubaluleki­le ukuthi njalo ngosuku zibe khona esitsheni. Ngeke ingane isidle isithelo uma sifakwe sinjalo esitsheni kodwa kumele siqotshwe ngendlela ehehayo,” echaza.

Ulinganise ngokuthi kungaqotsh­wa izinhlobo zezithelo, zichonywe ezintini ezibizwa ngamakebab sticks ukuze ingane iheheke. Iwolintshi uthe kumele lihlutshwe, lifakwe esitsheni seliyizing­cezu.

Echaza ngokunye okungaphat­hiswa ingane, ubale isinkwa esicojozwe eqandeni sathoswa, esibizwa ngeFrench toast. Lokhu kuyayiphum­uza ingane ukuthi ingalokhu idla isinkwa esijwayele­kile. Ungawafaka nama-mini pie esitsheni noma uqobe imikhwepha yenkukhu uyifake kwi-wrap, ugcobe imayonaise ufake nolethisi.

“Akubalulek­ile kakhulu ukuthi ingane iphathani, inqobo nje uma kunempilo. Okubalulek­ile ukuthi kubukeke kuheha enganeni,” kusho uNksz Mbuyisa.

 ??  ??
 ??  ?? KUTHIWA umphako wengane kumele uhehe ukuze ikujabulel­e ukuwudla
KUTHIWA umphako wengane kumele uhehe ukuze ikujabulel­e ukuwudla
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa