Abangoni nekhalenda elinezinyanga ezingu-13
ABENHLANGANO ekhuthaza inkolo namasiko abamnyama, bakhiphe ikhalenda elinezinyanga ezingu-13 abathi liyisiqalo sokukhumbuza abamnyama ukuthi balandele imigubho ngokomlando wabo.
Abangoni, okuyinhlangano ebhaliswe ngokusemthethweni ngo-2012, bathi ziningi izizwe ezilandela imigubho yazo ehlukile kodwa abamnyama basacindezelekile ngokulandela ikhalenda elingasho lutho ngabo. Yize bethi abasho ukuthi aliqedwe ikhalenda elisetshenziswa njengamanje, balithatha njengokuthi elokuqhuba impilo nje kodwa abamnyama kumele balandele elabo. Bagcizelele ukuthi leli khalenda abalibiza ngenkombazinsuku, lihambisana nemvelaphi yesizwe samaZulu njengoba befuna kuvuselelwe yonke imigubho yaso.
UMnuz Thembelani Ncanywa ongumphathi wenhlangano, uthe izinto eziningi abamnyama bazifunzwe ngabezizwe bakhohlwa ngezabo. Uthe inhloso yabo ukuvuselela ubuntu.
“Emandulo besivele sifunda inyanga nezinkanyezi ukubheka ukuthi sikuluphi usuku nenkathi. Senze ucwaningo sathola ukuthi ngabantu abamnyama abaqala ikhalenda kodwa lalinezinyanga ezingu-13,’’ kusho uNcanywa.
Uthe zonke izinyanga zekhalenda labo zinezinsuku ezingu-28. Uthe lezi zinsuku ezingeziwe kwamanye amakhalenda, uma uzihlanganisa zikhipha inyanga ka-13 enezinsuku ezingu-28. Izinyanga kuleli khalenda zibhalwe ngesiZulu njengokujwayelekile kodwa azilandelani njengasekhalendeni elijwayelekile. Inyanga yokugcina ibizwa ngoNdida. Ngemuva kwekhalenda kuchazwe zonke izinyanga ngokuthi kusuke kwenzekani ngaleso sikhathi nokwenze zabizwa ngaleyo nyanga. Ngokwaleli khandela inyanga yokuqala unyaka uMfumfu, echazwa ngokuthi izihlahla zisuke ziluhlaza zikhombisa ukuthi zizothela.
Abangoni bathe bafuna kugujwe yonke imikhosi yesintu. Bayavuma ukuthi kunzima ukuguqula yonke into ngokushesha ngoba abantu sebefunzwe kakhulu okungekoma okwabo.
“Sihlose ukugxila ekufundiseni intsha ukuze yazi amaqiniso ngomlando. Ukwenza leli khalenda kuyisiqalo nenselelo yokuthi zonke izizwe zibuyele emigubhweni yazo,’’ kusho uNcanywa.
Okunye okuphawuleka ngekhalenda ukuthi awekho amaholidi njengoba Abangoni bethi afika nabacindezeli. Ngokwekhalenda labo lulodwa usuku lokuphumula abalubiza ngoMgqibelo, abathe bahlangana ngalo ukufundisana ngenkolo yabo. Baveze ukuthi bazohambela zonke izindawo ukwethula nokufundisa ngaleli khalenda
USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwesintu izinyanga ezibhaliwe ngesiZulu yizona lezi ezingu 12 futhi zinomlando wazo. Uthe azikaze zibe u-13 kodwa ziphelele uma zingu-12. Uthe kusamele bachaze kabanzi ukuthi baluthathephi lolo lwazi ngoba izinyanga zekhalenda azifikanga nabezizwe.