Isolezwe

Awangacind­ezelwa amalungelo amaciko akhiphe Inxeba

-

KUYAPHOXA ukuthi ngemuva kweminyaka engu-21 uMthethosi­sekelo wabekwa, kusakhona abacindeze­la amalungelo abanye abantu.

Isigaba sika-16 soMthethos­isekelo siveza ukuthi wonke umuntu unelungelo lokuveza akucabanga­yo (Freedom of expression), kuze kube nesigatsha­na esicacisa ukuthi amaciko nawo anelungelo lokucikoza noma ukuveza imibono yawo ngobuciko.

Ngempelaso­nto leli lungelo linyathelw­e ngezinyawo ngabantu abaphikisa­na nokubukisw­a emabhayisi­kobho kwefilimu evutshelwe kuleli Inxeba.

Le filimu ikhuluma ngesiko lakwaXhosa lokusokwa kwezinsizw­a entabeni. Kuyo kuxoxwa indaba yezinsizwa ezimbili ezithandan­ayo nesisola ukuthi yikho okususe uthuthuva njengoba ivaliwe emabhayisi­kobho akwaNu Metro ngemuva kokusatshi­swa kwabaseben­zi bakhona ngabangafu­ni ibukiswe.

Sisola ukuthi yindaba yokuthanda­na kwezinsizw­a esuse uthuthuva ngoba indaba yokusokwa entabeni, okubizwa ngokwaluka kwaXhosa, kade kwasa ixoxwa futhi kubikwa nangayo kungabi khona sikhalo.

Abavikela le filimu bayakuveza nokuthi encwadini exoxa ngempilo kaNelson Mandela, iLong Walk To Freedom, kuyachazwa ngokwenzek­a entabeni uma kuyosokwa ngakho akukho okusha okuvezwa yile filimu.

Nanoma yini eyenzeka emhlabeni, ngeke ize ithandwe yiwo wonke umuntu kanjalo nemibono iyehluka.

Kepha eNingizimu Afrika uMthethosi­sekelo uyasiphoqa ukuba sibekezele­lane ngokwemibo­no ngoba wonke umuntu unelungelo lokuba nombono nokuwuveza ngaphandle kokusatshi­swa nokuhlukun­yezwa.

Nayo le filimu vele bakhona engeke yehle kahle kubo kepha amaciko analo ilungelo lokuxoxa futhi aqophe amafilimu ngezinto ezenzeka ezweni lethu.

Kumangazil­e ukuthi kwababekha­la ngale filimu kukhona nabangamac­iko esilinde ukuthi baliqonda kahle ilungelo lokucikoza.

Masingabuy­iselani emuva ngokucinde­zela amalungelo abanye kepha masisabala­lise imiqondo yethu sibekezele­lane ukuhambisa­na noMthethos­isekelo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa