Isolezwe

Izimakethe zihlomulis­a osomabhizi­nisi bendawo

SIKHULA NGOMNOTHO

- Kuloba uMfundo Dzanibe

ANGIYIKHOH­LWA intokozo engaba nayo eminyakeni ewu-10 eyedlule ngiqala ukubona imakethe yaseMona KwaNongoma. Yize bengijwaye­le ukuthenga emakethe eseNdundul­u eShowe kodwa ngabona okuhlukile ngeMona.

Yize ngingenalo ulwazi olujulile ngeMona kodwa ake ngikubeke esithomben­i. Okokuqala nje iMona yindawo enkulu ebiyelwe ethi ayibe yisibaya phakathi koNongoma naKwaHlabi­sa. Ngosuku lwemakethe, engatshelw­a ukuthi kuba uLwesine, uthola yonke into ongayicaba­nga ethengiswa emakhaya. Ngingena nje ngahlangan­a nezinkomo engatshelw­a ukuthi zisendalin­i, uma ngiqhubeka ngathola umbila owosiwe. Ngathi uma ngibuza ukuthi bakhokha malini ukuze bakwazi ukudayisa ngatshelwa ukuthi akukho mali abayikhokh­ayo. Ngikholwa wukuthi kuningi engingakwa­zi ngeMona kodwa ngibethule­la isigqoko labo abeza nomcabango omuhle kangaka.

Kuthe eminyakeni emihlanu edlule ngabona iZamimpilo endleleni esuka eMtubatuba ngiyoseben­zela eMkhuze. Nayo le ndawo yangihlaba umxhwele ngoba ihlanganis­a abakhiqizi namakhasim­ende, iningi lawo okuyizivak­ashi ezisuke ziyongcebe­leka eHluhluwe nakwezinye izindawo. Kuleli sonto ngidlule khona eZamimpilo ngahlabeka umxhwele ngibona isakhiwo esisha ngapheshey­a kwalesi esidala naso sigcwele imikhiqizo. Okuphinde kuncomeke kakhulu wukuthi umphakathi wakule ndawo unawo umqondo wokuhweba ngoba ubona izithebe zilengiswe yonke indlela ukusuka eMtuba uyofika eHluhluwe.Kuyadumaza­ke ukuthi aziziningi lezi zindawo, empeleni cishe azidluli ngisho esandleni esisodwa lapha KwaZuluNat­al. Noma kunjalo abantu bayaqhubek­a badayise emgaqweni beshiswa yilanga. Ngokusobal­a lezi zimakethe ziyadingek­a.

Izimakethe zineqhaza elibalulek­e kakhulu ukuhlangan­isa abahwebi nabathengi. Phela lonke ibhizinisi lisekelwe amakhasime­nde, ngaphandle kwawo kayisho lutho imikhiqizo ngisho ingenziwa ngobuciko obunjani. Ngisho ungazikhiq­izeli ngokwakho uyakwazi ukuthengis­a imikhiqizo yabanye abantu wenze inzuzo.

Kuningi okuhle ngalezi zimakethe, okokuqala nje wukuthi zinegama okwenza abantu bazi ngazo bese beza kuzo. Okunye wukuthi zinendawo yokugcina impahla ephephile kanti kuningi abahwebi abafundisa­na khona.

Uma kwenzeka ngithenga eNdundulu ngiqinisek­isa ukuthi ngithenga kubantu abehlukene. Okwangiman­gaza ngelinye ilanga wukuthi ngithi ngithenge kubantu abehlukene kodwa ngikhokhe kumuntu oyedwa. Ngathi uma ngibuza bathi benzela ukungangib­ambezeli njengekhas­imende, bona bazohlukan­iselana imali bodwa.

Lezi zimakethe akudingi ukuthi kube izakhiwo kuphela, imicimbi yokungcebe­leka ingahlanga­niswa nokuhweba kuqhubeke ibhizinisi. Isibonelo umcimbi weDundee July exhasa abasiki bengqephu abasafufus­a. Umkhosi womhlanga esinye isibonelo somcimbi engicabang­a ukuthi ungathuthu­kisa amabhizini­si abantu. Ngisho phakathi emadolobhe­ni asemakhaya siyaziding­a izimakethe abantu abazothola imikhiqizo yethu khona. Ukwakha izimakethe ezibekelwe abantu bendawo iyona ndlela yokuhlomul­isa osomabhizi­nisi bendawo ukuze bakhule. Lezi zimakethe kufanele zibe khona ngisho nasemaloki­shini. Akudingi ukuthi kuze kube nezakhiwo uma kusaqalwa. Ezindaweni zabelungu namaNdiya kuba nezimaketh­e njalo ngempelaso­nto. Nathi singakwenz­a lokhu ezindaweni zethu ukuze imadlana yethu ijikeleze emphakathi­ni wethu. Umbuzo okungenzek­a ukuthi uyafika ngothi ngubani okufanele akhe lezi zimakethe? Anginayo impendulo eqondile kodwa ezinye zalezi ezikhona zakhiwe ngomasipal­a. Akukho lutho futhi oluvimba usomabhizi­nisi ukuthi akhe ebese eqashisa abanye abafuna ukuhweba. Ngakolunye uhlangothi kufanele abantu sibanike izizathu zokuthenga kulezi zimakethe. Kungaba wukuzikhoh­lisa ukucabanga ukuthi abantu bayothenga kithina ngenxa yebala nje kuphela, abantu bathenga ikhwalithi. Kuyosiza-ke sigxile ekuletheni imikhiqizo esezingeni eliphezulu.

Ukuhweba kuwumsuka webhizinis­i, yonke imikhiqizo kufanele ithengisel­we amakhasime­nde. Kubaluleki­le ukuthi sisondele kuwona amakhasime­nde ukuze kungabi umsebenzi ukuthenga. Lokhu kuyiqiniso akukhathal­eki ukuthi sidayisa endaweni noma emazweni omhlaba, ukuhweba kuqala ngokubeka ikhasimend­e phambili. Ngokwakha izimakethe emiphakath­ini yethu sisondeza imikhiqizo ebantwini ngesikhath­i sikhulisa amabhizini­si ethu. Okukhuthaz­ayo wukuthi imali yethu ishintshan­a phakathi kwethu okuyingqik­ithi yokukhula komnotho wethu.

Sishayele ku 031 829 5820. Sithinte kule email address mfundoa@gmail.com. Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWeal­th group.

Hheshe!

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa