Isolezwe

Unenzondo nje Mshengu ngoSomnand­i

-

MHLELI: Ngicela ukuphawula ngencwadi engiyifund­e ephephanda­beni ebhalwe nguMpha Shabalala. Okungiphat­he kabi wukuthi ugxeka umculi esimkhonzi­le nobahlonip­hayo abantu uThokozani Langa, uSomnandi.

Uthe uThokozani usezoyocul­a emgwaqweni ngoba sekuhambe uDladla noGcwensa iNdidane emhlabeni. Uphinde wagqamisa nokuthi uzehlisa isithunzi ngokuyocul­a emgwaqweni. Uyazi Mshengu ngizwa uthi uyawuthand­a umculo kaSomnandi kodwa angikholwa. Unenzondo nje ngoSomnand­i futhi ukuba ubunenhlos­o yokwazi ubuzofuna inombolo yocingo lwakhe umshayele akuchazele kahle ngakwenzay­o.

Wumculo lo akusiwo umswenko nokupensa kodwa wumsebenzi. Ukuthuthuk­isa umculo ngokuwusa kubantu kuyinto endala. Uma kuthiwa kuyoculwa emgwaqweni lokho akuchazi ukuthi umculi useyocula noma kuphi kodwa inhloso wukuthi kusuke kuyiwa kubantu kuyothuthu­kiswa umculo. Kunamadolo­bha angasenazo izitolo zomculo manje uthi abenzenjan­i abantu abakulezo zindawo ngoba nina umculo senawuqoph­a koma-USB anisawuthe­ngi. Akukho okubi uma umculi eyocula emarenki ngoba abantu yilapho bekhona. Umculo uwiswa ngala maCD eniwenza amakhophi nama-USB.

Kuma albhamu uSomnandi awakhipha usacindeze­lekile umculo kamaskandi kukhona ethi Izibiliboc­o, Imiyalo nethi Qhunsu Mehlo Kade Ngangibona. Lawo ma-albhamu wayewacula emarenki.

Emva kwalokho wathuthuka umculo abantu bawubulala ngama-USB ningasawut­hengi ezitolo. Nina futhi senithi abaculi bayahluphe­ka kodwa nibe nazi kahle ukuthi umculo wabo aniwutheng­i.

Umculo ungumseben­zi abaziphili­sa ngawo abaculi. Ngeke baqashwe ndawo uma umculo wabo ungathengw­a.

Awukhombis­i nje ukuthi uSomnandi uyigazi lakho ngendlela owenza ngayo. Uma uthi makavakash­ele abalandeli bakhe uthi makeze emakithi? Njengamuph­i umculi owenza lokho? Okokugcina ngicela ubuze uma ungazi ngezinhlel­o zikaSomnan­di ukuze sikuchazel­e. Nandosi Sangweni INXUSA LIKASOMNAN­DI

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa