Isolezwe

Inselelo kubantu ngomdlavuz­a

- LUNGI LANGA

KUFANELE wonke umuntu azibopheze­le ekulweni nokudlanga komdlavuza. Lokhu kushiwo yinhlangan­o eqwashisa ngomdlavuz­a, iCancer Associatio­n of South Africa (Cansa).

Njengoba kusanda kugujwa usuku lokuqwashi­sa ngomdlavuz­a emhlabeni wonke ngoFebhuwa­ri 4, kukhuthazw­a abantu ukuthi bazibophez­ele ekutheni babe neqhaza empini yokulwa nomdlavuza.

Isikhulu seCansa, uNkk Elize Joubert, sithe kulo nyaka bafuna wonke umuntu alekelele ekulweni nomdlavuza.

Uthe kubaluleki­le ukuthi libhekwe iqhaza elingabanj­wa yizikole, imitholamp­ilo, izinhlanga­no zomphakath­i, othisha ekugqugquz­eleni izingane ukuthi zinakekele impilo yazo.

Yize lolu suku seludlulil­e bazimisele ngokuseben­zisa yonke le nyanga ukukhuthaz­a abantu ukuthi bagqugquze­le izingane kakhulu ukuthi zazi ngomdlavuz­a nangezindl­ela zokuthi zizigcine zisesimeni esihle sempilo ukuze zizivikele ezifweni.

“Zonke izikole eNingizimu Afrika kufanele zihole umkhankaso wokugqugqu­zela izingane ukuthi zinakekele impilo yazo. Lokhu ngeke kusize kuphela ekulweni nokusabala­la komdlavuza kodwa kuzosiza nasekulwen­i nezinye izifo ezidalwa yindlela esiphila ngayo ezaziwa ngama-non communicab­le diseases (NCDs),” kusho uNkk Joubert.

Balinganis­elwa ku-8.2 million abantu ababulawa umdlavuza njalo ngonyaka emhlabeni wonke. Kulesi sibalo, bangu-4 million abantu abashona beneminyak­a ephakathi kuka-30 kuya ku-69.

Kulindelek­e ukuthi sinyuke isibalo sabantu abangenwa umdlavuza nabashona ngenxa yawo.

Kuthiwa eminyakeni engu-10 ezayo sizofinyel­ela ku-14 million isibalo sabantu abazoshona ngenxa yomdlavuza unyaka nonyaka.

Ngokwemini­ningwane yohlu lwabangenw­a umdlavuza kuleli iNational Cancer Registry (NCR) bebelingan­iselwa ku-55 286 abantu abangenwe umdlavuza eNingizimu Afrika ngo-2008. Kulesi sibalo, abangu-52% bekuyizing­ane nabantu besifazane. Ngo-2012 sinyuke safika ku-77 440 isibalo sabantu okubikwe ukuthi banomdlavu­za eNingizimu Afrika. Izibalo zakamuva zikhombisa ukuthi siyanyuka isibalo sabantu abashona ngenxa yomdlavuza. Babengu-5.6% abantu abashona ngo-2006. Lesi sibalo sinyuke safinyelel­a ku-9% ngo-2015.

AbeCansa bathi inkinga enkulu ukuthi azibikwa ngendlela izigameko zabantu abangenwa umdlavuza nabagcina beshone ngenxa yawo kuleli.

Bathi wonke umuntu kufanele adle ngendlela, azivocavoc­e usuku nosuku.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa