Isolezwe

Uhoxise ukucela ibheyili umsolwa kwelaseGle­be

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKHETHE ukuhoxisa isicelo sakhe sebheyili omunye wabasolwa ngokuba ngongqondo­ngqondo ekubulawen­i kwabantu ehostela laseMlaza, iGlebeland­s.

UMnuz Mondli “Thalente” Mthethwa (32) izolo utshele iNkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni ukuthi ucela ukuhoxisa isicelo sebheyili.

Lo msolwa akazange azibeke izizathu ezenza angafuni ukuliqula engaphandl­e leli cala.

Abanye abasolwa abayisithu­pha okubalwa nephoyisa uSergeant Bhekukwazi Mdweshu (37), oMnuz Vukani Mcobothi (25), Khayelihle Mbuthuma (32), Wonderboy Mhlope (37), Matlala Mdweshu Ntshangase (35) noMahliphi­za Mkhize (28), bayaqhubek­a nezicelo zabo zokuthi badedelwe ngebheyili.

IMantshi uFariedha Mohamed ilihlehlis­ele uMashi 26 kuya kuMashi 29 icala, ngoba ethi kudingeka izinsuku eziningi ukuba kufakwe izicelo zebheyili.

Abasolwa babekwe amacala awu-19, okubalwa kuwo awokubulal­a, itulo lokubulala, awokuzama ukubulala, elokuthola­kala nesibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i. Ukufakwa kwezicelo zebheyili bekubekelw­e izinsuku ezintathu kusukela ngoMsombul­uko kuze kube yinamuhla kodwa usuku lanamhlanj­e ngeke lusasetshe­nziswa njengoba icala selihlehli­siwe. Nayizolo enkantolo bekugcwele phama abantu abebesuka ehostela nezihlobo zabamangal­elwa njengoba nangoMsomb­uluko bebefike ngobuningi.

Abasolwa bakhombisa ukuzikhulu­lekela enkantolo njengoba nayizolo bebebingel­ela abantu abasenkant­olo, bemoyizela. Abasolwa bazogcinwa esitokisin­i.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa