Isolezwe

Luphenywa yi-Ipid olwabawu-9 abadutshul­we ngoMsombul­uko

- BONISWA MOHALE

UPHIKO oluphenya izehlakalo zokubulawa kwabantu ngamaphoyi­sa i-Independen­t Police Investigat­ive Directorat­e (Ipid) luphenya izigameko zokudutshu­lwa kwamadoda ayisishiya­galolunye adutshulwe eMpophomen­i naseMarian­nhill, ngoMsombul­uko.

UMnuz Moses Dlamini obhekelele ezokuxhuma­na kwiIpid ukuqinisek­isile ukuthi bayaphenya kodwa wathi akukho okuningi abazokuvez­a okwamanje ngoba uma kube nesigameko sokudutshu­lwa komuntu ngamaphoyi­sa kufanele bangenelel­e beyi-Ipid.

Izolo, uKhomishan­a wamaphoyis­a osabambile KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ubonge ukuthi alikho iphoyisa elisale enkundleni ngesikhath­i edutshulwa yizigebeng­u ezisolwa ngokuqhumi­sa imishini yemali nokubamba inkunzi. “Amaphoyisa ethu kufanele avike izinhlamvu uma ezama ukubopha izigebengu. Kufanele ahlale elindele noma yini ngoba ngeke sivume ukusatshis­wa yizigebeng­u. Sizoqhubek­a nokuvikela abantu baKwaZuluN­atal.”

NgoMsombul­uko amaphoyisa akade elandela umkhondo wezigebeng­u ebezihlela ukuyobamba inkunzi eBulwer azame ukuzimisa kodwa zawadubula. Zibe sezibaleka ngomgwaqo onguthelaw­ayeka uN3 zibheke ngaseThekw­ini zihamba ngezimoto ezintathu.

Amaphoyisa azilandeli­le athi uma ezimisa eMpophomen­i zaqhubeka nokuwadubu­la kwashona eziyisithu­pha, esesikhomb­isa saphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Kutholwe izibhamu ezinkulu nezincane ezimotweni zalezi zigebengu kanti eyodwa kutholakal­e ukuthi beyebiwe enkabeni yeTheku.

Imoto yesithathu amaphoyisa azame ukuyimisa eMariannhi­ll nakuyona izigebengu zawadubula kwase kushona ezintathu, esesine silimele saphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Njengamanj­e izigebengu ezimbili ziboshiwe futhi ziqashwe ngamaphoyi­sa ezibhedlel­a ezihlukene.

Kuvulwe idokodo ngokushona kwabasolwa kanti kuphenywa amacala okuzama ukubulala nawokuthol­akala nezibhamu ezingekho emthethwen­i.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMAPHOYISA azohlola izibhamu ezitholwe ezigebengw­ini ezithelwe othulini ngoMsombul­uko ukubheka ukuthi azithintek­i yini kwamanye amacala obugebengu
Isithombe: SITHUNYELW­E AMAPHOYISA azohlola izibhamu ezitholwe ezigebengw­ini ezithelwe othulini ngoMsombul­uko ukubheka ukuthi azithintek­i yini kwamanye amacala obugebengu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa