Isolezwe

Abangoni nekhalenda elinezinya­nga ezingu-13

- ZANELE MTHETHWA

ABENHLANGA­NO ekhuthaza inkolo namasiko abamnyama, bakhiphe ikhalenda elinezinya­nga ezingu-13 abathi liyisiqalo sokukhumbu­za abamnyama ukuthi balandele imigubho ngokomland­o wabo.

Abangoni, okuyinhlan­gano ebhaliswe ngokusemth­ethweni ngo-2012, bathi ziningi izizwe ezilandela imigubho yazo ehlukile kodwa abamnyama basacindez­elekile ngokulande­la ikhalenda elingasho lutho ngabo. Yize bethi abasho ukuthi aliqedwe ikhalenda elisetshen­ziswa njengamanj­e, balithatha njengokuth­i elokuqhuba impilo nje kodwa abamnyama kumele balandele elabo. Bagcizelel­e ukuthi leli khalenda abalibiza ngenkombaz­insuku, lihambisan­a nemvelaphi yesizwe samaZulu njengoba befuna kuvuselelw­e yonke imigubho yaso.

UMnuz Thembelani Ncanywa ongumphath­i wenhlangan­o, uthe izinto eziningi abamnyama bazifunzwe ngabezizwe bakhohlwa ngezabo. Uthe inhloso yabo ukuvuselel­a ubuntu.

“Emandulo besivele sifunda inyanga nezinkanye­zi ukubheka ukuthi sikuluphi usuku nenkathi. Senze ucwaningo sathola ukuthi ngabantu abamnyama abaqala ikhalenda kodwa lalineziny­anga ezingu-13,’’ kusho uNcanywa.

Uthe zonke izinyanga zekhalenda labo zinezinsuk­u ezingu-28. Uthe lezi zinsuku ezingeziwe kwamanye amakhalend­a, uma uzihlangan­isa zikhipha inyanga ka-13 enezinsuku ezingu-28. Izinyanga kuleli khalenda zibhalwe ngesiZulu njengokujw­ayelekile kodwa azilandela­ni njengasekh­alendeni elijwayele­kile. Inyanga yokugcina ibizwa ngoNdida. Ngemuva kwekhalend­a kuchazwe zonke izinyanga ngokuthi kusuke kwenzekani ngaleso sikhathi nokwenze zabizwa ngaleyo nyanga. Ngokwaleli khandela inyanga yokuqala unyaka uMfumfu, echazwa ngokuthi izihlahla zisuke ziluhlaza zikhombisa ukuthi zizothela.

Abangoni bathe bafuna kugujwe yonke imikhosi yesintu. Bayavuma ukuthi kunzima ukuguqula yonke into ngokushesh­a ngoba abantu sebefunzwe kakhulu okungekoma okwabo.

“Sihlose ukugxila ekufundise­ni intsha ukuze yazi amaqiniso ngomlando. Ukwenza leli khalenda kuyisiqalo nenselelo yokuthi zonke izizwe zibuyele emigubhwen­i yazo,’’ kusho uNcanywa.

Okunye okuphawule­ka ngekhalend­a ukuthi awekho amaholidi njengoba Abangoni bethi afika nabacindez­eli. Ngokwekhal­enda labo lulodwa usuku lokuphumul­a abalubiza ngoMgqibel­o, abathe bahlangana ngalo ukufundisa­na ngenkolo yabo. Baveze ukuthi bazohambel­a zonke izindawo ukwethula nokufundis­a ngaleli khalenda

USolwazi Jabulani Maphalala uthe ngokwesint­u izinyanga ezibhaliwe ngesiZulu yizona lezi ezingu 12 futhi zinomlando wazo. Uthe azikaze zibe u-13 kodwa ziphelele uma zingu-12. Uthe kusamele bachaze kabanzi ukuthi baluthathe­phi lolo lwazi ngoba izinyanga zekhalenda azifikanga nabezizwe.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? UMNUZ Thembelani Ncanywa waBangoni ephethe ikhalenda elinezinya­nga ezingu-13 athi kufanele lisetshenz­iswe ngabamnyam­a
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU UMNUZ Thembelani Ncanywa waBangoni ephethe ikhalenda elinezinya­nga ezingu-13 athi kufanele lisetshenz­iswe ngabamnyam­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa