Batholelwe isidleke esisha kwiSwallows FC abalandeli beSwallows endala
ZIVULIWE izandla kubalandeli abadala beMoroka Swallows abebekade bedukuza ebumnyameni ngeqembu labo kodwa manje asebetholelwe “isidleke esisha” ngokusungulwa kweSwallows FC ezobhekana neMaritzburg United emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eDobsonville Stadium ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Imenenja yeSwallows FC, uMatome Kganakga, ithe iqembu akuzona iZinyoni ezindala zaseDube kodwa lisungulwe nyakenye ngemuva kokushintsha igama le-Orange Vaal Professionals ebivele idlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.
“Akuyona iMoroka Swallows futhi asibizwa ngeZinyoni. Okwamanje asikabi naso isidlaliso ngoba asikabi nabo abalandeli. Kodwa-ke labaabadala beMoroka Swallows bangaphuma ngobuningi babo bazoseseka ngoba sesibatholele isidleke esisha. Siyethembisa bazobona ibhola elisezingeni eliphezulu,” kusho uKganakga.
Ugcizelele ukuthi uphawu lweSwallows endala lunenyoni eyodwa kodwa olwabo lunezinyoni eziwu-12.
Ngokusho kwakhe isitifiketi seZinyoni ezindala sisekhona asizange sidayiswe ngemuva kokuthi iqembu lehlele kwiSAB League ngesizini edlule.
IMoroka Swallows ishabalalise okwamazolo ebona ilanga esigabeni esiphezulu sebhola.
ISwallows, elinye lamaqembu amadala aseSoweto, idliwe yizembe esigabeni esikhulu i-Absa Premiership ngesizini ka-2014/2015. Yehlele kwiNational First Division nakhona kwangalunga, yasho inkemba yehlela esigabeni seSafa, i-ABC Motsepe League. Nalapha kubhimbe uhlelo ngesizini edlule.
Abaphathi beMoroka Swallows bake babanga ubunikazi noLeon Prins owayengusihlalo wayo idlala kwi-Absa Premiership. Izinkinga zayo ziqale ngemuva kokushona ngo-2010 kukaDieter Bock waseGermany owayenamasheya amaningi eqenjini.
Abaphathi beSwallows entsha kuke kwavela ukuthi bafuna ukubona iqembu labo lidlala kwiPremier Soccer League ngokushesha ngokuthi bathenge isitifiketi emaqenjini adlala kulesi sigaba.
UPanyaza Lesufi, omunye wabaphathi, akazange aziphike lezi zindaba ekhuluma neSolezwe emasontweni edlule. Uveze ukuthi kukhona amaqembu abaxoxa nawo adlala kwiNFD nakwiPremiership.
Imibiko yakamuva ithe iSwallows isivumelene ngokudayiselana nabaphathi beCape Town All Stars edlala kwiNFD, inqobo uma iqembu laseKapa lingeke lidliwe yizembe.
“Hhayi cha akukho okunjalo engisakuzwile okuqhamuka ebhodini. Ngakho leyo ndaba ungayithatha njengamahemuhemu. Kodwa mhlawumbekungenzeka uma sibathola abaxhasi,” kusho uKganakga.
Mayelana nomdlalo wabo neMaritzburg uthe: “Leli yithuba lokuthi kuphenduleke imibuzo eminingi ngeqembu lethu. Siyazi kuzobawumdlalo onzima ngoba iMaritzburg idlala ibhola elihle kulezi zinsuku kodwa nathi ngeke sizithele ngabandayo.”