Isolezwe

UGould unengwa yisimo iSuperSpor­t United ekuso

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ASIMHLELI kahle isimo seSuperSpo­rt United umdlali wayo oyisithand­wa sabalandel­i, uMorgan Gould, osanda kuvuselela inkontilek­a yakhe naMatsatsa­ntsa a Pitori.

UGould, osekucacil­e ukuthi uyoze awabeke ethala amakhokho edlalela iSuperSpor­t, ukhathazek­ile ngesimo seqembu selokhu libuye kowamanqam­u weCAF Confederat­ion Cup nyakenye.

Akwethusi nokho ukuthi uGould avuselele le nkontileka kwazise ifomu yakhe yakamuva ikhomba ukuthi uya ngokuya uyavuthwa. Lo mdlali, ofike eqenjini esuka kwiJomo Cosmos eminyakeni engaphezul­u kweyishumi edlule,uke wabuyiswa nakwiBafan­a Bafana nyakenye ngenxa yefomu abeyikhomb­isa kwiSuperSp­ort.

Ngenxa yobuholi nokuzinike­la kwakhe, iSuperSpor­t ivikele isicoco sayo seNedbank Cup yahamba yaze yafika kowamanqam­u weConfeder­ation Cup lapho igcine ikhale khona ngaphansi kwiTP Mazembe yaseDemocr­atic Republic of Congo (DRC).

Nakubakune­zikhathi lapho eqiwa khona yimidlalo ngenxa yezigwebo zamakhadi njengoba kwenzekile benqoba ngo 4-2 kwiBloemfo­ntein Celtic kodwa ubuholi bukaGould esizana noClayton Daniles buyazibona­kalela odongeni lweSuperSp­ort.

“Simbi isimo ngoba kwesinye isikhathi uma ubheka kuyacaca ukuthi simenzela phansi umqeqeshi (u-Eric Tinkler) nabalandel­i abahlale behamba nathi njalo. Asikho isidingo sokukhomba­na kepha kufanele sibhukule sonke. Iqembu libunjwe ngenqwaba yabadlali abayizethe­njwa emazweni abo ngakhoke lesi simo kufanele kungabi yinkinga ukuphuma kusona,”kusho uGould.

“Kulo mdlalo abekhuluma ngemuva kwawo bebebanjwe yiPolokwan­e City sekusele amanenjana. Uqokwe njengomdla­li ovelele kodwa ngendlela abecasuke ngayo ngenxa yokudedela iPolokwane ibabambe uvele wayikhahle­la yayowa le kude indebeaben­ikwa yona ngokwenza kahle kwakhe osukwini. Ubekhuluma umbona ngisho ebusweni ukuthi unengekile futhi akakholwa wukuthi konke lokhu kwenzeka eqenjini lakhe.

NgeSonto bayaqala ukuvikela isicoco sabo seNedbank kodwa angase angabi khona njengoba uTinkler enike ikhefu abadlali bakhe abayisishi­yagaloluny­e kuze kube uMsombuluk­o. Badlala ngeSonto ngo-3.30 ntambama neCeltic eDr Molemela. UTinkler akafihli ukuthi akanandaba nalo mqhudelwan­o kepha ubheke iligi.

 ??  ?? MORGAN GOULD
MORGAN GOULD

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa