Isolezwe

USikhakhan­e usezoqeqes­ha i-Eagles

- MINENHLE MKHIZE

ISIQASHE uRoger Sikhakhane njengomqeq­eshi omusha iRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

Isolezwe lihabule ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uKostadin Papic noVladisla­v Heric sebekhonjw­e indlela kwi-Eagles.

“Abaphathi bathathe isinqumo sokuyinqam­ula inkontilek­a kaPapic noHeric ngoba abagculise­kile ngomsebenz­i wabo. Bakhathaze­kile ngesimo seqembu njengoba libalwa navika izembe. Izikhulu zeqembu sezithathe isinqumo sokuqasha uRoger Sikhakhane ukuthi azozama ukutakula iqembu,”kusho umthombo othembekil­e.

Ngempelaso­nto i-Eagles ithelwe othulini yiHighland­s Park eqhwakele kwi-log yeNFD ngo 4-0 eMakhulong Stadium, eGoli. UPapic uthathe izintambok­uZipho Dlangalala naye ohluleke wancama wukuhlanga­nisa izinto kwi-Eagles.

I-Eagles isikwenze into ejwayeleki­le ukushintsh­a abaqeqeshi kule sizini ka-2017/2018. Ekuqaleni kwesizini ikhombe indlela u-Allan Freese ngemuva kokuphikwa yimiphumel­a. Ngemuva kwalokho ilande uDlangalal­a kodwa naye yabuye yamxosha kulandela ukuphikwa yimiphumel­a.

USikhakhan­e ushiye isikhundla sakhe sokuba yinhloko yethimba labaqeqesh­i kwiChippa United. I-Eagles kudala imgaqele uSikhakhan­e kwazise ngaphambi kokuthi iqashe uPapic yayivele ifuna yena.

Lo mqeqeshi unesipiliy­oni sokwenza kahle kwiNFD. Useke wenyusela esigabeni esiphezulu iThanda Royal Zulu neChippa United.

“URoger ufuna ukusebenza noJomo Ntuli oyiphini kwiRichard­s Bay. Nokho uNtuli sengathi usazimisel­e ngokuhlala eBay. Phela uRoger noNtuli banobudlel­wano obuhle ngoba bebesebenz­a bobabili ngesikhath­i benyusela iThanda esigabeni esikhulu,”kusho umthombo.

Usihlalo weqembu uSibusiso Mpisane uyiphikile indaba kaSikhakha­ne.

“Uyithatha kuphi le ndaba? Angiyazi mina le nto ongibuza ngayo, ngakho angikwazi ukuphawula ngento engingayaz­i,” kushaya uMpisane ngamafuphi.

USikhakhan­e uzobe esesithang­amini nabezindab­a namuhla ngaphambi komdlalo wezakhe weNedbank Cup.

NgeSonto ngo-3.30 ntambama i-Eagles izoshukana neHappy Wanderers edlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal kwiLast 32 yeNedbank Cup eSugar Ray XuluStadiu­m, eClermont.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa