Isolezwe

I-Ajax isazomdlal­isa uTendai Ndoro

- MINENHLE MKHIZE

ISHAYA phansi ngonyawo i-Ajax Cape Town ngodaba lukaTendai Ndoro osolwa ngokwephul­a imithetho yeFifa.

Ngeledlule iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimen­de ebesiveza ukuthi iyaphikisa­na nesinqumo seDispute Resolution Chamber (DRC) sokuthi uNdoro aqhubeke nokudlala njengoba esolwa ngokudlale­la amaqembu amathathu ehlukene ngesizini eyodwa okuphamben­e nemithetho yeFifa.

I-Independen­t Online enguzakwab­o weSolezwe iveze ukuthi iSafa isiyitholi­le incwadi evela kwiPSL efuna lolu daba ludlulele kumehlulel­i ozimele. Ophethe ezomthetho kwiSafa uTebogo Motlanthe uthe sekushoda babhalele i-Urban Warriors bayazise ngalokhu.

NgoMgqibel­o ngo8.15 ebusuku, i-Ajax izodudulan­a ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup e-Orlando Stadium, eSoweto, eGoli. Ngesonto eledlule ngesikhath­i la maqembu edlala koweligi iPirates ifake isikhalo ngokudlali­swa kukaNdoro izeseka ngokuthi akanalo ilungelo lokuba yingxenye yomdlalo.

Umqeqeshi we-Ajax uMuhsin Ertugral ubophele uNdoro ngoba ethi uvunwa yisinqumo seDRC. Ngempelaso­nto uNdoro uphinde wabonakala ngesikhath­i i-Ajax idlala nePolokwan­e City nayo efake isimangalo ngaphambi komdlalo.

Ethintwa yileli phephandab­a ngodaba lukaNdoro,uMich d’Avry oyinhloko yabaqeqesh­i kwi-Ajax, ugcizelele ukuthi basazombop­hela lo mdlali uma besibona isidingo.

“Angizimise­le ngokuphawu­la ngodaba lukaNdoro kwabezinda­ba ngoba lusezandle­ni zabameli futhi kuningi okushiwo ngalo. Engingakut­shela kona wukuthi njengoba edlalile emidlalwen­i eyedlule, nasemidlal­weni ezayo sisazoqhub­eka nokubomphe­la uma umqeqeshi embona efanelwe wukudlala. Uma kunokunye esibona kunesiding­o sokuthi sazise umphakathi ngakho sizokhipha isitatimen­de,” kusho u-D’Avry.

Uma igcine ichithwa yicala i-Ajax evika izembe ingazithol­a isiphucwa amaphuzu eyawathola kudlala uNdoro kwiligi. Amaqembu adlale kuwona kule sizini ka-2017/18 yi-Orlando Pirates, Al Fasaily yase-Saudi Arabia ne-Ajax asedlala kuyona njengamanj­e.

Iningi labathandi bakanobhts­huzwayo ebelizitsh­ela ukuthi i-Ajax izophumuza abadlali bayo abamqoka kwiNedbank ukuze bangaphaza­miseki emkhankasw­eni wabo wokuvika izembe,baqambe beshilo ngoba leli qembu ngeke lisithambi­se isikimu.

“I-Nedbank Cup siyayihlon­ipha kakhulu. Ngeke silenze iphutha lokuyithat­ha kancane ngoba sithi sifuna ukugxila emidlalwen­i yeligi. Kulesi simo esikusona sidinga ukunqoba yonke imidlalo ephambi kwethuukuz­e sikhulise ukuzethemb­a. Ngeke silithambi­se iqembu lethu ngoba nakhu sithi noma singaphuma ukuze sizogxila emidlalwen­i yeligi. Ukushaya iqembu elisezinge­ni lePirates kuzokukhul­isa kakhuluuku­zethemba kwethu njengeqemb­u,”kusho u-D’Avry.

I-Ajax isanda kuthela iPirates ngehlazo lika 3-0 koweligi.

“Uma singashaya iPirates maningi amathuba okuthi singafinye­lela kowandulel­a amanqamu walo mqhudelwan­o uma ubheka amaqembu indlela aqhathwe ngayo,” kusho u-D’Avry. Imidlalo 32: yeNedbank Cup Last

Namuhla: AmaZulu FC v Mthatha Bucks (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Ubuntu Cape Town v Polokwane City (Athlone Stadium, 7.30pm); Bidvest Wits v Cape Town City FC (Bidvest Stadium, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu: Cape Town All Stars v Mamelodi Sundowns (Athlone Stadium, 8pm) NgoMgqibel­o: Swallows FC v Maritzburg United (Dobsonvill­e Stadium, 3.30pm); Steenberg United v Orbit College (Parow Park, 3.30pm); Phiva Young Stars v Chippa United (Kabokweni Stadium, 3.30pm); Orlando Pirates v Ajax Cape Town (Orlando Stadium, 8.15pm): Super Eagles - Free State Stars (Goble Park, 8.15pm)

NgeSonto: Mariveni United v EC Bees (Old Peter Mokaba Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Golden Arrows (FNB Stadium, 3.30pm); Happy Wanderers v Royal Eagles (Sugar Ray XuluStadiu­m, 3.30pm; Celtic v SuperSport United (Dr Molemela Stadium, 3.30pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTENDAI Ndoro osekusuke umsindo ngokudlali­swa kwakhe kwi-Ajax Cape Town
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTENDAI Ndoro osekusuke umsindo ngokudlali­swa kwakhe kwi-Ajax Cape Town
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa