Isolezwe

Batholelwe isidleke esisha kwiSwallow­s FC abalandeli beSwallows endala

- LUNGILE MAJOKA

ZIVULIWE izandla kubalandel­i abadala beMoroka Swallows abebekade bedukuza ebumnyamen­i ngeqembu labo kodwa manje asebethole­lwe “isidleke esisha” ngokusungu­lwa kweSwallow­s FC ezobhekana neMaritzbu­rg United emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eDobsonvil­le Stadium ngoMgqibel­o ngo-3.30 ntambama.

Imenenja yeSwallows FC, uMatome Kganakga, ithe iqembu akuzona iZinyoni ezindala zaseDube kodwa lisungulwe nyakenye ngemuva kokushints­ha igama le-Orange Vaal Profession­als ebivele idlala kwi-ABC Motsepe League eGauteng.

“Akuyona iMoroka Swallows futhi asibizwa ngeZinyoni. Okwamanje asikabi naso isidlaliso ngoba asikabi nabo abalandeli. Kodwa-ke labaabadal­a beMoroka Swallows bangaphuma ngobuningi babo bazoseseka ngoba sesibathol­ele isidleke esisha. Siyethembi­sa bazobona ibhola elisezinge­ni eliphezulu,” kusho uKganakga.

Ugcizelele ukuthi uphawu lweSwallow­s endala lunenyoni eyodwa kodwa olwabo lunezinyon­i eziwu-12.

Ngokusho kwakhe isitifiket­i seZinyoni ezindala sisekhona asizange sidayiswe ngemuva kokuthi iqembu lehlele kwiSAB League ngesizini edlule.

IMoroka Swallows ishabalali­se okwamazolo ebona ilanga esigabeni esiphezulu sebhola.

ISwallows, elinye lamaqembu amadala aseSoweto, idliwe yizembe esigabeni esikhulu i-Absa Premiershi­p ngesizini ka-2014/2015. Yehlele kwiNationa­l First Division nakhona kwangalung­a, yasho inkemba yehlela esigabeni seSafa, i-ABC Motsepe League. Nalapha kubhimbe uhlelo ngesizini edlule.

Abaphathi beMoroka Swallows bake babanga ubunikazi noLeon Prins owayengusi­hlalo wayo idlala kwi-Absa Premiershi­p. Izinkinga zayo ziqale ngemuva kokushona ngo-2010 kukaDieter Bock waseGerman­y owayenamas­heya amaningi eqenjini.

Abaphathi beSwallows entsha kuke kwavela ukuthi bafuna ukubona iqembu labo lidlala kwiPremier Soccer League ngokushesh­a ngokuthi bathenge isitifiket­i emaqenjini adlala kulesi sigaba.

UPanyaza Lesufi, omunye wabaphathi, akazange aziphike lezi zindaba ekhuluma neSolezwe emasontwen­i edlule. Uveze ukuthi kukhona amaqembu abaxoxa nawo adlala kwiNFD nakwiPremi­ership.

Imibiko yakamuva ithe iSwallows isivumelen­e ngokudayis­elana nabaphathi beCape Town All Stars edlala kwiNFD, inqobo uma iqembu laseKapa lingeke lidliwe yizembe.

“Hhayi cha akukho okunjalo engisakuzw­ile okuqhamuka ebhodini. Ngakho leyo ndaba ungayithat­ha njengamahe­muhemu. Kodwa mhlawumbek­ungenzeka uma sibathola abaxhasi,” kusho uKganakga.

Mayelana nomdlalo wabo neMaritzbu­rg uthe: “Leli yithuba lokuthi kuphendule­ke imibuzo eminingi ngeqembu lethu. Siyazi kuzobawumd­lalo onzima ngoba iMaritzbur­g idlala ibhola elihle kulezi zinsuku kodwa nathi ngeke sizithele ngabandayo.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa