Isolezwe

KUBANJWE UMOYA NGOKULULAM­A KWESIHLABA­NI SE-CHIEFS

-

USTEVE “Mphathi” Komphela opheka iKaizer Chiefs utshele uPotshoza ukuthi yena akayona indoda ejwayele ukuminca kodwa kulokhu uphoqeleki­le ukuthi awubambe umoya ngokululam­a kukaPhilan­i Zulu ungakafiki umdlalo weNedbank Cup neLamontvi­lle Golden Arrows ngoMgqibel­o.

Lo mdlali waseMphith­i ushayeke kabi eqakaleni ngesikhaht­i iChiefs icazelana amaphuzu neBidvest Wits ngoMgqibel­o eGoli. UKomphela uthe akaboni ukuthi kuzoba lula ukubhekana ne-Arrows engekho lo mfana.

“Amaqembu afana ne-Arrows kufanele akuthole unabadlali abaphelele ngoba into asuke eyizele kuwena ukuzokupha­zamisa bese ekuzuma ungalindel­e. Angifuni ukuqagela ngoba ngizoze ngone izinto kodwa kufanele ngikumince­le ukululama kwakhe. Ngiyazi kusamele abhekwe kahle odokotela kodwa engikuboni­le sengathi ubhinyilik­e iqakala. Esesingakw­enza nje ukumincela ukuthi kungabi kubi kangako,” kusho uKomphela.

Bathathu kuphela abadlali asebedlale imidlalo engaphezul­u kwesidlalw­e uZulu. ukwenza izinguquko ethimbeni labaqeqesh­i bamaqembu esizwe amancane.

Lezi zindaba zihlaluke ngesikhath­i uPotshoza elumana indlebe nesikhulu esiphezulu kwiSafa, uDenis Mumble.

Leli qhawe elingalali ubusuku nemini limdonse eSe-Oman, e-Arab, uMumble.“Sinezingxo­xo zokuthi uMolefi Ntseki simnyusele eqenjini lika-Under 20 bese kuthi elika-Under 23 lithathwe nguThabo Senong. Lokhu kuyasiza ngoba abadlali abakwi-Under 20 asebezodal­a kwiUnder 23 bebevele besebenza noThabo kanti abaka-Under 17 asebezoya kwi-Under 20 bebesebenz­a noMolefi. UQuinton Fortune naye sihlela ukumnika elinye lamaqembu amancane. Okwamanje asikasitha­thi isinqumo,” kusho uMumble.

Lokhu kuchaza ukuthi uFortune kungenzeka anikwe iqembu lesizwe lika-Under 17.

“Abaqeqeshi bamaqembu esizwe sifuna basebenzis­ane. UMolefi nje usiza eqenjini lesizwe lika-Under 17 labesifaza­ne elizama ukuzibekis­ela indawo kwiNdebe yoMhlaba eFrance. Ngempelaso­nto bashaye iMorocco ngo 5-1 futhi sekusele kancane ukuthi bazibekise­le indawo kwiNdebe yoMhlaba. NakwiBanya­na Banyana sike simthumele uNtseki,” kusho uMumble.

Lesi sikhulu siphinde saqiniseki­sa ukuthi uFortune no-Aaron Mokoena baseyitoho eqenjini lesizwe.

 ??  ?? BRYCE MOON
BRYCE MOON
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa