USikhakhane usezoqeqesha i-Eagles
ISIQASHE uRoger Sikhakhane njengomqeqeshi omusha iRoyal Eagles egijima kwiNational First Division (NFD).
Isolezwe lihabule ngomthombo walo ongashayi eceleni ukuthi uKostadin Papic noVladislav Heric sebekhonjwe indlela kwi-Eagles.
“Abaphathi bathathe isinqumo sokuyinqamula inkontileka kaPapic noHeric ngoba abagculisekile ngomsebenzi wabo. Bakhathazekile ngesimo seqembu njengoba libalwa navika izembe. Izikhulu zeqembu sezithathe isinqumo sokuqasha uRoger Sikhakhane ukuthi azozama ukutakula iqembu,” kusho umthombo othembekile.
Ngempelasonto i-Eagles ithelwe othulini yiHighlands Park eqhwakele kwi-log yeNFD ngo 4-0 eMakhulong Stadium, eGoli. UPapic uthathe izintambo kuZipho Dlangalala naye ohluleke wancama wukuhlanganisa izinto kwi-Eagles.
I-Eagles isikwenze into ejwayelekile ukushintsha abaqeqeshi kule sizini ka-2017/2018. Ekuqaleni kwesizini ikhombe indlela u-Allan Freese ngemuva kokuphikwa yimiphumela. Ngemuva kwalokho ilande uDlangalala kodwa naye yabuye yamxosha kulandela ukuphikwa yimiphumela.
USikhakhane ushiye isikhundla sakhe sokuba yinhloko yethimba labaqeqeshi kwiChippa United. I-Eagles kudala imgaqele uSikhakhane kwazise ngaphambi kokuthi iqashe uPapic yayivele ifuna yena.
Lo mqeqeshi unesipiliyoni sokwenza kahle kwiNFD. Useke wenyusela esigabeni esiphezulu iThanda Royal Zulu neChippa United.
“URoger ufuna ukusebenza noJomo Ntuli oyiphini kwiRichards Bay. Nokho uNtuli sengathi usazimisele ngokuhlala eBay. Phela uRoger noNtuli banobudlelwano obuhle ngoba bebesebenza bobabili ngesikhathi benyusela iThanda esigabeni esikhulu,” kusho umthombo.
Usihlalo weqembu uSibusiso Mpisane uyiphikile indaba kaSikhakhane.
“Uyithatha kuphi le ndaba? Angiyazi mina le nto ongibuza ngayo, ngakho angikwazi ukuphawula ngento engingayazi,” kushaya uMpisane ngamafuphi.
USikhakhane uzobe esesithangamini nabezindaba namuhla ngaphambi komdlalo wezakhe weNedbank Cup.
NgeSonto ngo-3.30 ntambama i-Eagles izoshukana neHappy Wanderers edlala kwi-ABC Motsepe League KwaZulu-Natal kwiLast 32 yeNedbank Cup eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.