Isolezwe

Zithembisa lukhulu izintokazi ezilingisa kwi-Unmarried

- NOKUBONGWA PHENYANE

IZIDUMBU KUGASELA IZIGEBENGU ETHAVENI ZIFUNA UTSHWALA NEMALI

Kwehlangam­phimbomuny­e Mnikathi: Kuyosizani kodwa ukuyihlaba ilawulwe ngoba amaphoyisa ale ndawo uma ethintwa ebikelwa ngobugeben­gu abuza ukuthi ukhona yini osefile. Kusho ukuthi wona izinyathel­o azithatha uma kunesidumb­u.

Zinhle Nondumiso: Unembeza awusekho kubantu. Bekunani ukuyithath­a imali notshwala bashiye imiphefumu­lo? Ngiyakhala kodwa ngomfo kaMkhize madoda ezihambela emgwaqweni ayi, kunzima eNtunjambi­li. Imiphefumu­lo yabo ilale ngokuthula nalaba abasesibhe­dlela balulame ngokushesh­a.

USERERO UDINGISWE UNOMPHELO YI-SAFA

Mancinza Nondaba: Ngiyacaban­ga kuzomseben­zela lokho uSerero, udlala kahle eHolland. Ngasohlang­othini lezwe benzekahle ngeke sincenge umuntu oyedwa sidliwa ekhona, akasisizi ngalutho.

Sicelo Mchunu: Sihle kakhulu isinqumo abasithath­ile ukuze kube yisifundo nakwabanye abasacaban­ga ukuziqheny­a njengaye. ZITHEMBISA into yamehlo izintokazi eziyingxen­ye yomdlalo i-Unmarried oqale ngoLwesihl­anu esiteshini i-1Magic (channel 103).

URenate Stuurman noThembisa Mdoda balingisa izindawo eziphambil­i kulo mdlalo okhuluma ngabesifaz­ane abathathu abangashad­ile.

Isiqephu sokuqala sishiye iningi libambe ongezansi. Nasezinkun­dleni zokuxhuman­a iningi belikhulum­a ngawo futhi likubeka kucace ukuthi selilinde ngabomvu ukubona iziqephu ezilandela­yo.

Ekhuluma neSolezwe uRenate uthe kuningi abantu, ikakhuluka­zi abesifazan­e, abazokufun­da kulo mdlalo.

“Abesifazan­e bobathathu baphila impilo ehlukene kodwa bangabanga­ni abakhulu. Kulo mdlalo kuzobuye kuhlale obala ukuthi lezi zintokazi azikhombis­i okuyikho ngazo emphakathi­ni,” kusho yena.

Uthe kuningi akufundile kulo mdlalo futhi uyathemba ukuthi kukhona abesifazan­e okuzothi uphela babe sebefunde okuningi.

“Impilo ezobonakal­a kulo mdlalo iphilwa yinqwaba yabesifaza­ne ngakho siyathemba ukuthi njengoba usazobonak­ala amasonto amaningi abantu bazowuthok­ozela,” kuchaza uRenate.

Uthe uBrenda, intokazi ayilingisa­yo, kulindelek­e ukuthi maduze acacise ukuthi kuzokwenze­kani esokeni lakhe angene esontweni lishada nomunye wesifazane ekubeni lihlala naye. UThembisa uthe ukubonakal­a emdlalweni ofana nalona kumenze wathobeka. “Ngikholwa wukuthi abantu abaningi bazobona ithalente lami langempela ekulingise­ni. Ngijabule ngokuthola ithuba lokulingis­a kulo mdlalo,” kusho uThembisa othe kulo mdlalo ulingisa indawo kaThembi. “UThembi ngumama wezingane ezimbili, akasebenzi kodwa unesoka elisebenza esitolo sokudla elingenayo kahle imali. Kodwa izinto zizokwenze­ka ngendlela naye angayibhek­ile empilweni yakhe uma kuza kwezothand­o,” kuchaza yena. Uthe abantu bazowujabu­lela lo mdlalo futhi nabo benze konke ukuthi uhehe.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: TWITTER ?? ZITHEMBISA lukhulu izintokazi ezilingisa emdlalweni i-Unmarried eqale ukudlala esiteshini i-1Magic ngoLwesihl­anu nokuzobona­kala kuwo uRenate Stuurman, Keke Mphuti noThembisa Mdoda
Isithombe: TWITTER ZITHEMBISA lukhulu izintokazi ezilingisa emdlalweni i-Unmarried eqale ukudlala esiteshini i-1Magic ngoLwesihl­anu nokuzobona­kala kuwo uRenate Stuurman, Keke Mphuti noThembisa Mdoda
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa