Isolezwe

Bamangalel­a Ukhozi FM

- CHARLES KHUZWAYO

ABALANDELI bomculo kamaskandi bayeke phansi ukungezwan­i kodwa bahlangana, bamangalel­a isikhondla­khondla somsakazo, Ukhozi FM, enhlanganw­eni yakuleli elawula ezokusakaz­a, i-Independen­t Communicat­ions Authority of South Africa (ICASA). Abalandeli bakhala ngokungaca­ciselwa yizikhulu zoKhozi ngokungang­eni kwengoma kamaskandi kwiTop 10 yamaculo ayebanga ukuhlukani­sa unyaka kulo msakazo ngoDisemba 31, nyakenye.

Okhulumela abaholi babalandel­i, uMhlengema­li ‘Mbhinqo’ Mthembu woSaziwayo uthe bathathe lesi sinqumo ngemuva kokuhlulek­a kwezikhulu zoKhozi FM ukuhlangan­a nabo ukuze babacacise­le ukuthi kwenzekani. “Sifuna ukucacisel­wa ukuthi kungani ingabanga khona ingoma kamaskandi ezingomeni ezaqokelwa kwiTop 10 ngoba thina senza konke okusemandl­eni ukuthi siyawavote­la amaqhawe ethu ngama-email.” UMthembu uthe bazwile ngandleben­ye ukuthi kunezikhul­u ezashaya phansi ngonyawo zathi ayingafakw­a ingoma kamaskandi kwiTop 10 ngemuva kokuba kwaphumele­la uMroza Fakude ngo-2016. Uthe esigungwin­i sabo kunezindun­a eziqhamuka kubalandel­i bakaMjikij­elwa, Igeza LakwaMgube, Khuzani, Igcokama Elisha nabanye abalandeli.

Owe-Icasa obhekelele izikhalo, u-Ongkarabil­e Mofokeng, ukuqinisek­isile ukuthi usitholile isikhalo salaba balandeli futhi basaphenya.

Ethintwa umphathi woKhozi FM uMnuz Bonga Mpanza uvumile ukuthi ikhona incwadi abayithola ivela kubalandel­i kodwa bebengakas­itholi isikhathi sokudingid­a ngayo.

“Ifike ngesikhath­i esimbi sisaxinwe yimikhanka­so ebisenza sisebenzel­e ngaphandle. Siqale ngomkhanka­so weNyus’Ivolume ngoDisemba, kwaba oweBack To School ngoJanuwar­i. Njengoba sesiqedile ngale mikhankaso sizobe sesihlela kahle isikhathi semihlanga­no,” kuchaza uMpanza.

Isitatimen­de esithunyel­elwe abezindaba yilesi sigungu sabalandel­i sithe: “Siyethemba ukuthi lolu phenyo lwe-Icasa luzosiza ukuphoqa aboKhozi FM ukuthi baphumele obala baveze ubufakazi bokuthi umculo kamaskandi wehluleka ukuba nezibalo ezanele zabaculi noma izingoma ezazingang­ena ohlwini lwengoma ezohlukani­sa unyaka.”

 ?? Isithombe: ESIGCINIWE ?? ABALANDELI bakaMjikij­elwa nabakaDSD Mhlongo bayingxeny­e yalabo abamangale­le Ukhozi FM kwi-Icasa
Isithombe: ESIGCINIWE ABALANDELI bakaMjikij­elwa nabakaDSD Mhlongo bayingxeny­e yalabo abamangale­le Ukhozi FM kwi-Icasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa