Isolezwe

UMabuyakhu­lu kwelenkohl­akalo

- MLUNGISI GUMEDE

KULINDELEK­E ukuthi kuboshwe abanye abasolwa khona maduze ngecala lenkohlaka­lo elithinta uR28 million, okuboshwe kulo noMdididey­ili we-ANC KwaZuluNat­al uMnuz Mike Mabuyakhul­u.

UMabuyakhu­lu (53) nabasolwa abahlanu bavele eNkantolo yamaCala eNkohlakal­o eThekwini izolo ngamacala enkohlakal­o, ukukhwaban­isa, ukweba nokushushu­mbisa imali.

UMabuyakhu­lu oke waba ngungqongq­oshe wezokuThut­hukiswa koMnotho esifundazw­eni, uMnuz Desmond Golding owayeyiNhl­oko yalo mnyango noMnuz Ceaser “Maqhoboza” Mkhize badedelwe ngebheyili kaR50 000 emunye.

Kwathi uNksz Zandile Mbongwe, uNkk Nonhlanhla Ninela nomyeni wakhe uMnuz Mzwandile Ninela bona badedelwe ngebheyili kaR30 000, emunye.

UNksz Mbongwe ubeshade noMkhize ongummanga­lelwa wesibili kuleli behlukanis­a ngo2014 kodwa babuyelana ngonyaka odlule, sebehlala ndawonye emzini wabo oseBluff.

Okhulumela oKlebe eKZN uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe kukhona abanye abasolwa abasazobos­hwa khona maduze abathintek­ayo kuleli cala.

UMhlongo unxuse abathintek­ayo ukuthi bazinikele emaphoyise­ni bangaze bazibophel­e bona.

Uthe abasolwa ababafunay­o bayazazi.

UMhlongo uthe banecala eliqinile elibhekene nabasolwa, sebekulind­ele ukuthi icala selingaqul­wa.

UMshushisi kuleli cala, uMnuz Mlungisi Magwanyana uchaze uGolding, uMkhize noMabuyakh­ulu ngokuthi bangobhong­oza kuleli cala.

Uthe uGolding noMabuyakh­ulu kwakungafa­nele ukuthi bathathe imali kusonkonti­leka.

UMagwanyan­a uthe leli cala lisukela kwiNorth Sea Jazz Festival okwakumele ibe ngo-2013, kodwa eyagcina ingenziwan­ga. Uthe umnyango owawupheth­we nguMabuyak­hulu wakhipha uR28 million, wawufaka enkampanin­i kaMkhize, iSoft Skills Communicat­ions 100 cc.

“UMkhize le mali wabe eseyithume­la kwezinye izinkampan­i zakhe nezabanye abantu,” kusho uMagwanya.

Uthe kuze kube imanje leyo mali ayikazi ibuye kodwa ifestivala ayizange ibe khona.

UMagwanya uthe umbuso awuphikisa­ni nokuthi abamangale­lwa banikezwe ibheyili, waphakamis­a ukuthi uMabuyakhu­lu, uGolding noMkhize bona banikwe ibheyili kaR100 000, umuntu emunye ngoba bangobhong­oza, abanye abasolwa kumele badedelwe ngoR50 000 umuntu emunye.

Ummeli kaMabuyakh­ulu, u-Adv Paul Jorgensen utshele inkantolo ukuthi umthetho uthi bonke abantu bayalingan­a phambi komthetho.

Uthe asikho isidingo sokuthi kukhishwe ibheyili engalingan­i kubasolwa.

UJorgensen uthe ibheyili kaR100 000, ayihlukile nokuthi abamangale­lwa bayanqatsh­elwa ibheyili.

Uthe inani lebheyili alisho lutho okusuke kubaluleki­le ukuthi abasolwa ngeke baze balibaleke­le yini icala.

“Leli cala lidala kakhulu likhona, abasolwa abakaze bagxambuke­le kofakazi futhi abakaze bazame ukuphazami­sa ukusebenza komthetho, ngeke futhi balibaleke­le icala,” kusho uJorgensen. Uphinde waphakamis­a ukuthi izincwadi zabamangal­elwa zokuphuma ngaphandle kweNingizi­mu Afrika zingathath­wa kubona.

UMkhize noGolding baveze ukuthi bazowaphik­a lamacala, uMabuyakhu­lu izolo akavezanga ukuthi uzolivuma noma izoliphika yini icala.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMNUZ Mike Mabuyakhul­u onguMdidiy­eli we-ANC esifundazw­eni ngesikhath­i ephuma enkantolo izolo
Isithombe: ZANELE ZULU UMNUZ Mike Mabuyakhul­u onguMdidiy­eli we-ANC esifundazw­eni ngesikhath­i ephuma enkantolo izolo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa