UMabuyakhulu kwelenkohlakalo
KULINDELEKE ukuthi kuboshwe abanye abasolwa khona maduze ngecala lenkohlakalo elithinta uR28 million, okuboshwe kulo noMdidideyili we-ANC KwaZuluNatal uMnuz Mike Mabuyakhulu.
UMabuyakhulu (53) nabasolwa abahlanu bavele eNkantolo yamaCala eNkohlakalo eThekwini izolo ngamacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba nokushushumbisa imali.
UMabuyakhulu oke waba ngungqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho esifundazweni, uMnuz Desmond Golding owayeyiNhloko yalo mnyango noMnuz Ceaser “Maqhoboza” Mkhize badedelwe ngebheyili kaR50 000 emunye.
Kwathi uNksz Zandile Mbongwe, uNkk Nonhlanhla Ninela nomyeni wakhe uMnuz Mzwandile Ninela bona badedelwe ngebheyili kaR30 000, emunye.
UNksz Mbongwe ubeshade noMkhize ongummangalelwa wesibili kuleli behlukanisa ngo2014 kodwa babuyelana ngonyaka odlule, sebehlala ndawonye emzini wabo oseBluff.
Okhulumela oKlebe eKZN uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe kukhona abanye abasolwa abasazoboshwa khona maduze abathintekayo kuleli cala.
UMhlongo unxuse abathintekayo ukuthi bazinikele emaphoyiseni bangaze bazibophele bona.
Uthe abasolwa ababafunayo bayazazi.
UMhlongo uthe banecala eliqinile elibhekene nabasolwa, sebekulindele ukuthi icala selingaqulwa.
UMshushisi kuleli cala, uMnuz Mlungisi Magwanyana uchaze uGolding, uMkhize noMabuyakhulu ngokuthi bangobhongoza kuleli cala.
Uthe uGolding noMabuyakhulu kwakungafanele ukuthi bathathe imali kusonkontileka.
UMagwanyana uthe leli cala lisukela kwiNorth Sea Jazz Festival okwakumele ibe ngo-2013, kodwa eyagcina ingenziwanga. Uthe umnyango owawuphethwe nguMabuyakhulu wakhipha uR28 million, wawufaka enkampanini kaMkhize, iSoft Skills Communications 100 cc.
“UMkhize le mali wabe eseyithumela kwezinye izinkampani zakhe nezabanye abantu,” kusho uMagwanya.
Uthe kuze kube imanje leyo mali ayikazi ibuye kodwa ifestivala ayizange ibe khona.
UMagwanya uthe umbuso awuphikisani nokuthi abamangalelwa banikezwe ibheyili, waphakamisa ukuthi uMabuyakhulu, uGolding noMkhize bona banikwe ibheyili kaR100 000, umuntu emunye ngoba bangobhongoza, abanye abasolwa kumele badedelwe ngoR50 000 umuntu emunye.
Ummeli kaMabuyakhulu, u-Adv Paul Jorgensen utshele inkantolo ukuthi umthetho uthi bonke abantu bayalingana phambi komthetho.
Uthe asikho isidingo sokuthi kukhishwe ibheyili engalingani kubasolwa.
UJorgensen uthe ibheyili kaR100 000, ayihlukile nokuthi abamangalelwa bayanqatshelwa ibheyili.
Uthe inani lebheyili alisho lutho okusuke kubalulekile ukuthi abasolwa ngeke baze balibalekele yini icala.
“Leli cala lidala kakhulu likhona, abasolwa abakaze bagxambukele kofakazi futhi abakaze bazame ukuphazamisa ukusebenza komthetho, ngeke futhi balibalekele icala,” kusho uJorgensen. Uphinde waphakamisa ukuthi izincwadi zabamangalelwa zokuphuma ngaphandle kweNingizimu Afrika zingathathwa kubona.
UMkhize noGolding baveze ukuthi bazowaphika lamacala, uMabuyakhulu izolo akavezanga ukuthi uzolivuma noma izoliphika yini icala.