Bashaya amakhala ngecala likaMabuyakhulu
UHLANGOTHI lukaMnuz Senzo Mchunu lushaya amakhala ngokuboshwa kukaMdidiyeli we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mike Mabuyakhulu mayelana namacala enkohlakalo, ukukhwabanisa, ukweba nokushushumbisa imali.
UMnuz Sthenjwa Nyawose wohlangothi lukaMchunu, uthe bayakholelwa ukuthi ukuboshwa kukaMabuyakhulu kunenhlese yepolitiki.
“Siyavuma ukuthi akuphenywe kodwa umbuzo esizibuza wona ukuthi kungani eboshwa manje ngoba leli yicala elidala ekade sekuthule ngalo,” kusho uNyawose.
UNyawose uthe basola ukuthi izimbangi zabo sezisebenzisa izinhlaka zikahulumeni ukulwa nabo.
UMabuyakhulu ovele enkantolo izolo, wayekade enguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ngesikhathi kwenzeka leli cala kanti wakhishwa kulesi sikhundla ngemuva kwengqungquthela yobuholi be-ANC ngo-2015 ngesikhathi kushintshwa ongqongqoshe.
Lo mnyango manje usuphethwe nguMnuz Sihle Zikalala.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bayakwamukela ukubekwa amacala enkohlakalo kukaMabuyakhulu.
Uthe ukubekwa amacala kukaMabuyakhulu kukhombisa ngokusobala ukuthi i-ANC ibolile futhi ngeke ishintshe noma ngabe ngubani osesikhundleni esiphezulu.
“Ngo-2011 uMabuyakhulu wayebhekene namacala enkohlakalo nawo aphelela emoyeni. Siyakwamukela ukubekwa kwakhe amacala amasha kodwa-ke kufanele umuntu azibuze ukuthi kungani amacala evela manje,” kusho uMncwango.
Uthe bonke abathintekayo kulolu daba kufanele bashushiswe ngoba abaholi be-ANC abanandaba nabantu kodwa badla imali.
Kanjalo noSihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala uthe nabo yabakwamukela ukuboshwa kukaMabuyakhulu nabanye mayelana namacala enkohlakalo.
“UCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe icala loMabuyakhulu alinayo inhlese yezepolitiki ngoba baqale ukuphenya ngo-2012 emuva kokuvela kwezinsolo zokuthi imali yakhokhelwa izinkampani ezithile ezingawenzanga umsebenzi ezazithembise ukuwenza.
“Icala sililethe enkantolo ngoba sesiqoqe ubufakazi obanele,” kusho uMhlongo.