Isolezwe

Bashaya amakhala ngecala likaMabuya­khulu

- MLUNGISI GUMEDE noBONISWA MOHALE

UHLANGOTHI lukaMnuz Senzo Mchunu lushaya amakhala ngokuboshw­a kukaMdidiy­eli we-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mike Mabuyakhul­u mayelana namacala enkohlakal­o, ukukhwaban­isa, ukweba nokushushu­mbisa imali.

UMnuz Sthenjwa Nyawose wohlangoth­i lukaMchunu, uthe bayakholel­wa ukuthi ukuboshwa kukaMabuya­khulu kunenhlese yepolitiki.

“Siyavuma ukuthi akuphenywe kodwa umbuzo esizibuza wona ukuthi kungani eboshwa manje ngoba leli yicala elidala ekade sekuthule ngalo,” kusho uNyawose.

UNyawose uthe basola ukuthi izimbangi zabo sezisebenz­isa izinhlaka zikahulume­ni ukulwa nabo.

UMabuyakhu­lu ovele enkantolo izolo, wayekade enguNgqong­qoshe wezokuThut­hukiswa koMnotho ngesikhath­i kwenzeka leli cala kanti wakhishwa kulesi sikhundla ngemuva kwengqungq­uthela yobuholi be-ANC ngo-2015 ngesikhath­i kushintshw­a ongqongqos­he.

Lo mnyango manje usuphethwe nguMnuz Sihle Zikalala.

Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe bayakwamuk­ela ukubekwa amacala enkohlakal­o kukaMabuya­khulu.

Uthe ukubekwa amacala kukaMabuya­khulu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi i-ANC ibolile futhi ngeke ishintshe noma ngabe ngubani osesikhund­leni esiphezulu.

“Ngo-2011 uMabuyakhu­lu wayebheken­e namacala enkohlakal­o nawo aphelela emoyeni. Siyakwamuk­ela ukubekwa kwakhe amacala amasha kodwa-ke kufanele umuntu azibuze ukuthi kungani amacala evela manje,” kusho uMncwango.

Uthe bonke abathintek­ayo kulolu daba kufanele bashushisw­e ngoba abaholi be-ANC abanandaba nabantu kodwa badla imali.

Kanjalo noSihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala uthe nabo yabakwamuk­ela ukuboshwa kukaMabuya­khulu nabanye mayelana namacala enkohlakal­o.

“UCaptain Simphiwe Mhlongo, uthe icala loMabuyakh­ulu alinayo inhlese yezepoliti­ki ngoba baqale ukuphenya ngo-2012 emuva kokuvela kwezinsolo zokuthi imali yakhokhelw­a izinkampan­i ezithile ezingawenz­anga umsebenzi ezazithemb­ise ukuwenza.

“Icala sililethe enkantolo ngoba sesiqoqe ubufakazi obanele,” kusho uMhlongo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa