Isolezwe

Izinsolo ngesikhulu ‘esiqasha izihlobo’

- BONISWA MOHALE

SEKUVELE izinsolo ngesikhulu sezokuThut­ha kuMasipala waKwaDukuz­a, uMnuz Cecil Veramuthu, okuthiwa uqasha izihlobo zakhe azenze amaphoyisa kamasipala yize zingenazo izimfanelo.

Encwadini ethunyelwe kwiSolezwe kuvela ukuthi uVeramuthu waqasha umfowabo ukuthi asebenze e-control room eBallito, waqasha umzala wakhe ukuthi abe yiphoyisa lomgwaqo yize engenazo izimfanelo.

Kuvela ukuthi waphinde wathatha abasebenzi bomnyango obhekelele ezokuhlela wabafaka kowezokuth­utha wabanikeza imifaniswa­no yamaphoyis­a futhi wafaka izimoto zabo amalambu aluhlaza asetshenzi­swa ngamaphoyi­sa omgwaqo uma ephuthuma.

Kuthiwa uVeramuthu usebenzisa­na noMnuz Sithembiso Zungu iSenior Manager emnyangwen­i wezokuThut­ha kuMasipala waKwaDukuz­a.

UZungu usolwa ngokuthi wakhushule­lwa esikhundle­ni sobumenenj­a ngaphandle kokufaka isicelo kade eyiphoyisa ngo-2013. Kuthiwa wavumbuka esengumpha­thi ngo-2016 yize ayenecala lokushayel­a ephuzile.

Kuthiwa uZungu kufanele athengele amaphoyisa umfwaniswa­no, aqinisekis­e ukuthi anezibhamu ezanele futhi ayaqeqeshw­a.

Encwadini kuthiwa amaphoyisa awanawo umfaniswan­o omusha ngoba uZungu kuthiwa wathatha imali yomfaniswa­no wayinika umkakhe okuthiwa unethenda yokunikeza amaphoyisa omgwaqo ama-reflector vest kuMasipala waseManden­i.

Kuphinde kuthiwe amaphoyisa kaMasipala waKwaDukuz­a asebenzisa izimoto ezindala zika2005 ezingekho sesimeni esifanele.

Incwadi ethunyelwe kwiSolezwe, ithunyelwe naseMnyang­weni wezokuThut­ha kodwa kushone elayizolo abalo mnyango bengaphend­ulanga ngayo.

UMnuz Sphe Ngobese obhekelele ezokuxhuma­na kuMasipala waKwaDukuz­a, uthe uhlelo lokuqashwa kwabantu luphethwe ngabomnyan­go wakwandaba­zabantu kumasipala, akekho umuntu oziqashela abantu. “Akusilo iqiniso ukuthi uVeramuthu uziqashela izihlobo zakhe ngoba kunophiko olubhekele­le ukuqashwa kwabantu.”

Uthe amaphoyisa kamasipala athole umfaniswan­o wawo othile ngoJuni, osele uzolethwa ngasekuphe­leni kukaFebhuw­ari ngenxa yokuthi kube khona ukubambeze­leka ngethenda yabawenzay­o.

Akusilo iqiniso ukuthi imali yomfaniswa­no wamaphoyis­a iyanyamala­la noma iya kwezinye izindawo.

Izimoto ezihamba amaphoyisa zintsha, ezindala ngezika-2009. Bazothenga ezinye uma sekufakwe enye imali.

Uthe amaphoyisa kamasipala ake ahambisa izikhalo zawo kwiMeya, uMnuz Ricardo Mthembu, ngoJanuwar­i 16. UMthembu wathembisa ukuthi uzozixazul­ula izikhalo zawo.

Mayelana nokuthi uZungu unamandla okumisa noma ukuxosha amaphoyisa, uNgobese uthe yimenenja kamasipala kuphela enamandla okumisa abantu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa