Izinsolo ngesikhulu ‘esiqasha izihlobo’
SEKUVELE izinsolo ngesikhulu sezokuThutha kuMasipala waKwaDukuza, uMnuz Cecil Veramuthu, okuthiwa uqasha izihlobo zakhe azenze amaphoyisa kamasipala yize zingenazo izimfanelo.
Encwadini ethunyelwe kwiSolezwe kuvela ukuthi uVeramuthu waqasha umfowabo ukuthi asebenze e-control room eBallito, waqasha umzala wakhe ukuthi abe yiphoyisa lomgwaqo yize engenazo izimfanelo.
Kuvela ukuthi waphinde wathatha abasebenzi bomnyango obhekelele ezokuhlela wabafaka kowezokuthutha wabanikeza imifaniswano yamaphoyisa futhi wafaka izimoto zabo amalambu aluhlaza asetshenziswa ngamaphoyisa omgwaqo uma ephuthuma.
Kuthiwa uVeramuthu usebenzisana noMnuz Sithembiso Zungu iSenior Manager emnyangweni wezokuThutha kuMasipala waKwaDukuza.
UZungu usolwa ngokuthi wakhushulelwa esikhundleni sobumenenja ngaphandle kokufaka isicelo kade eyiphoyisa ngo-2013. Kuthiwa wavumbuka esengumphathi ngo-2016 yize ayenecala lokushayela ephuzile.
Kuthiwa uZungu kufanele athengele amaphoyisa umfwaniswano, aqinisekise ukuthi anezibhamu ezanele futhi ayaqeqeshwa.
Encwadini kuthiwa amaphoyisa awanawo umfaniswano omusha ngoba uZungu kuthiwa wathatha imali yomfaniswano wayinika umkakhe okuthiwa unethenda yokunikeza amaphoyisa omgwaqo ama-reflector vest kuMasipala waseMandeni.
Kuphinde kuthiwe amaphoyisa kaMasipala waKwaDukuza asebenzisa izimoto ezindala zika2005 ezingekho sesimeni esifanele.
Incwadi ethunyelwe kwiSolezwe, ithunyelwe naseMnyangweni wezokuThutha kodwa kushone elayizolo abalo mnyango bengaphendulanga ngayo.
UMnuz Sphe Ngobese obhekelele ezokuxhumana kuMasipala waKwaDukuza, uthe uhlelo lokuqashwa kwabantu luphethwe ngabomnyango wakwandabazabantu kumasipala, akekho umuntu oziqashela abantu. “Akusilo iqiniso ukuthi uVeramuthu uziqashela izihlobo zakhe ngoba kunophiko olubhekelele ukuqashwa kwabantu.”
Uthe amaphoyisa kamasipala athole umfaniswano wawo othile ngoJuni, osele uzolethwa ngasekupheleni kukaFebhuwari ngenxa yokuthi kube khona ukubambezeleka ngethenda yabawenzayo.
Akusilo iqiniso ukuthi imali yomfaniswano wamaphoyisa iyanyamalala noma iya kwezinye izindawo.
Izimoto ezihamba amaphoyisa zintsha, ezindala ngezika-2009. Bazothenga ezinye uma sekufakwe enye imali.
Uthe amaphoyisa kamasipala ake ahambisa izikhalo zawo kwiMeya, uMnuz Ricardo Mthembu, ngoJanuwari 16. UMthembu wathembisa ukuthi uzozixazulula izikhalo zawo.
Mayelana nokuthi uZungu unamandla okumisa noma ukuxosha amaphoyisa, uNgobese uthe yimenenja kamasipala kuphela enamandla okumisa abantu.