Isolezwe

‘Ubulale’ uninakhulu ngephini obelwa

- NONTUTHUKO NGUBANE

IVELE enkantolo kuleli sonto indoda (26) yaseMondlo ngecala lokubulala uninakhulu (67) owayelamul­a ilwa nomzala wayo.

Icala lika Mnuz Mlungisi Ngema lihlehlise­lwe uMsombuluk­o.

Uninakhulu kaNgema, uNkk Nora Ngema, waseSigodi­ni, eMondlo, kuthiwa washayeke kanzima ekhanda ngesikhath­i ezama ukulamula abazukulu bakhe.

UNkk Ngema washaywa ngoMgqibel­o emagcekeni akwaNgema kade kunomseben­zi wokubuyisa isihlobo.

UNkk Ngema washonela ekhona lapho. Amaphoyisa afike abopha umzukulu, uNgema, okuthiwa nguyena owayeshaye uninakhulu ngephini.

Umndeni uthe akucaci ukuthi abazukulu, abasebephu­ze kakhulu, bebebangen­i.

UNksz Bonisiwe Ngema, unina kaMlungisi nendodakaz­i kamufi, uthe uphithene ikhanda ngokwenzek­ile.

“Angazi nokuthi ngingayich­aza kanjani le nto evele la ekhaya. Bekunomseb­enzi ngoMgqibel­o sizihlalel­e wonke umuntu eneme. Kulwe umfana wami (uMlungisi) nenye indodakazi kadadeweth­u. Sonke sizamile ukulamula kwaze kwabizwa amaphoyisa ukuthi azobopha indodana yami. Kuthe kusenjalo ngisekamel­eni nengane kadadeweth­u eshayiwe, ngezwa abantu behayiza bethi indodana yami ishaya umama. Ngifice umama eselele phansi. Ngithathe indodana ngayiphuca induku. Umama ubesethule, eseshonile,” kusho uNksz Ngema. Uthe amaphoyisa, abebizelwe ukuthi kukhona oshaya omunye, afike sekukhona isidumbu, avele abopha indodana yakhe. “Umama ubengenalo ngisho negazi, angizange ngizitshel­e ukuthi ukuzama ukulamula kwakhe abazukulu kungagcina kuholele ekufeni kwakhe,” kusho uNksz Ngema.

Ebuzwa uNksz Ngema ukuthi ufisa kwenzakeni ngendodana yakhe uthe kusenzima ukusho ngoba udaba lusanda kwenzeka.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa aseMondlo abophe umsolwa ngecala lokubulala.

“Amaphoyisa aseMondlo abebizelwe icala lokushaya, afike endaweni yecala sekukhona isidumbu. Kuboshwe umsolwa (26) ngecala lokubulala,” kusho uZwane. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa