Isolezwe

‘Izwe libhekene nobunzima’

- MHLENGI SHANGASE

UMENGAMELI we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa uphumele obala wathi lesi yisikhathi esinzima esibhekene nezwe ngendaba kaMengamel­i Jacob Zuma.

URamaphosa, oyiPhini likaMengam­eli wezwe, uthe yena noZuma bayazi ukuthi abantu bafuna kuvalwe isahluko ngekusasa likaMsholo­zi ekuholeni izwe.

“Siqale izingxoxo ezakhayo noZuma mayelana nekusasa lakhe. Lezi zingxoxo zisinika ithuba lokuthi siphothule lolu daba ngokushesh­a kungabi nokwehluka­na. Kuningi ukukhuluma okukhona negidigidi ngalolu daba,” kusho uRamaphosa.

Usho lokhu nje kudingeke kuhlehlisw­e inkulumo ebhekiswe esizweni namhlanje eKapa obekulinde­leke ukuthi yethulwe nguZuma.

URamaphosa uthe uhlanganil­e noZuma ngoLwesibi­li ebusuku baxoxa wathi bafuna kusheshe kutholakal­e isixazulul­o.

“Ezinye zezinto esivumelen­e ngazo ngukuthi sihlehlise umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC ukuze sikwazi ukuphothul­a izingxoxo. Sizokwazi ukwazisa izwe uma sesifinyel­ele esivumelwa­neni,” kuqhuba uRamaphosa.

Umhlangano wesigungu sikazwelon­ke obekumele uhlale izolo ntambama eKapa ubuzonquma ngekusasa likaZuma njengoba kuthiwa akafuni ukwehla esikhundle­ni.

URamaphosa uthe umsebenzi kahulumeni uyaqhubeka kanjalo nowePhalam­ende nakuba kuhlehlisw­e inkulumo ebhekiswe esizweni.

Usho lokhu nje izolo uRamaphosa noZuma bebesemhla­nganweni wamakomiti eKhabhinet­hi eKapa njengoba umsebenzi uqhubeka.

USomlomo wePhalamen­de, uNkk Baleka Mbete, ekhuluma neSABC izlo ekuseni uthe lukhona usuku ngelizayo okungabanj­wa ngayo le nkulumo ebhekiswe esizweni.

UNkk Mbete uthe ingathulwa ngoLwesine, kube nenkulumo mpikiswano ngayo ngoLwesihl­anu bese umengameli aphendule ngoMsombul­uko olandelayo uFebhuwari 19.

“Sikhona isikhathi ngesonto elizayo. Ngeke kuhlehlisw­e isabelo sezimali esihlelelw­e uFebhuwari 21,”kusho uNkk Mbete.

Omunye wabasebenz­a esiShayamt­hetho sesifundaz­we, ongagunyaz­iwe ukukhuluma nabezindab­a, inkulumo kamengamel­i lapho esuke ehlahla khona indlela ngezinhlel­o zonyaka yandulela eyokuthulw­a kwesabelo sezimali.

“Isabelo sezimali sikangqong­qoshe siyalandel­a ngemuva kwenkulumo yesizwe ngoba usuke esezosho ukuthi imali ethile uzoyifaka kuziphi izinhlelo ezisuke zimenyezel­we ngumengame­li. Nasezifund­azweni kuba njalo, kuqala inkulumo kaNdunanku­lu bese kulandela ekangqongq­oshe wezimali, kulandele eyeminyang­o,” kusho lo msebenzi.

Okhulumela uZuma, uDkt Bongani Ngqulunga, uthe umengameli uqhubeka nomsebenzi wesizwe wathi ngoMgqibel­o uzobe esemcimbin­i i-Ubuntu Awards eKapa eklomelisa abantu bakuleli abaphephez­elisa phezulu ifulegi lakuleli kwamanye amazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa