Uqophe umlando othweswe iziqu
UKUZALWA ngunesi obebelethisa kwatshala uthando lokwelapha kudokotela ongowokuqala ukuqeqeshwa KwaZulu-Natal ekubeni yiNuclear Physician.
UDkt Alphonse Msomi (31) usanda kwethweswa iziqu emkhakheni weNuclear Medicine emuva kokuqeqeshwa yiFellowship of the College of Nuclear Physicians of South Africa (FCNPSA) ophikweni iColleges of Medicine of South Africa. Ukuba yiNuclear Physician kusho ukuthi ungomunye wodokotela abambalwa abanegunya lokwelapha ngemishanguzo yamaRadiopharmaceuticals. Le mishanguzo inikezwa iziguli ezithize ezinomdlavuza ezidinga nokuthi zibhekwe ngeso lokhozi yiNuclear Physician.
UDkt Msomi uthe uzizwe ekhuphule igama lomndeni nelesifundazwe ngokuba ngowokuqala ukugogoda kulo mkhakha. Utshele Isolezwe ukuthi phambilini belungekho uphiko oluqeqesha odokotela kulo mkhakha, obekwenza ukuthi nabafuna ukuqeqeshwa baye kwezinye izifundazwe. Waqala ukuqeqeshwa ngo-2013 ngesikhathi kuvuleleka ukuthi neKwaZulu-Natal iqeqeshe.
“Bekudingeka uye eGauteng naseWestern Cape kuphela uma ufuna ukuqeqeshelwa ukuba yiNuclear Physician. Besingenawo kwawona amaNuclear Physician eKZN, uyedwa udokotela owafika ngo-2010 naye wabuye wahamba,” kuchaza yena.
Kumthathe iminyaka emine ukuqeqeshwa kulo mkhakha ohambisana nokubhala izivivinyo. UDkt Msomi uthe ngaphandle kokuthi abengekho amaNuclear Physician esifundazweni, abanye bayawubalekela lo mkhakha ngenxa yezinselelo. Ezinye zazo wukuthi imishanguzo abayisebenzisayo iyabiza futhi iyashesha ukonakala. Lokhu kwenza ukuthi nokuyithutha kube yinkinga njengoba kumele ifakwe ebhanoyini njengoba ingatholakali KwaZulu-Natal.
Uthe eseqalile ukuqeqeshwa ngo-2013 walandelwa ngomunye udokotela ngo-2015 kodwa oshiye phakathi engakaphothuli. Manje kukhona omunye oqale ukuqeqeshwa ngonyaka odlule. UMsomi wethemba ukuthi uzoba yisibonelo kwabanye odokotela abawusabayo lo mkhakha.
Mayelana nothando lokuba ngudokotela uthe wakhulela emndenini onamalungu amaningi abengonesi. Wakhula enenkinga yokuphathwa yi-asthma esizwa wodokotela ababenesineke naye wafisa ukuba njengabo.
Kumanje usebenzela esibhedlela eNkosi Albert Luthuli eThekwini. Waphothula u-matric eBechet Secondary ngo-2004 wafundela ubudokotela e-University of KwaZulu-Natal. Uke waqeqeshwa esibhedlela ePrince Mshiyeni Memorial eMlaza naseChurch of Scotland eMsinga. Uke wasebenza esibhedlela Osindisweni ngaphambi kokuqala ukuqeqeshelwa uhlelo lweNuclear Medicine eNkosi Albert Luthuli Hospital.