Isolezwe

Ulaka lweNumsa kushona abasebenzi

- BONISWA MOHALE

INYUNYANA yabasebenz­a ngokusansi­mbi iNational Union of Metalworke­rs of South Africa (Numsa) ifuna ivalwe imayini iSibanye -Stillwater eseGauteng emuva kokushona kwabaseben­zi ababili abadilikel­we wumgodi izolo.

UNkk Phakamile HlubiMajol­a obhekele ezokuxhuma­na kwiNumsa uthe kusobala ukuthi abeSibanye abakukhath­alele ukuphepha kwabaseben­zi ngoba nangesonto elidlule bekuvalele­ke abasebenzi abangu-950 emayini yabo eseFree State emuva kokuphela kukagesi.

“Ngesonto elidlule besikhalis­wa wukuvalele­ka kwabaseben­zi emayini yaseSibany­e eseFree State abavalelek­e emgodini amahora angaphezu kwangu-12. Ugesi wawungekho nama-generator engasebenz­i. Namhlanje (izolo) kufe abasebenzi ababili emayini yabo eseGleharv­ie, eGauteng. Kuyathusa ukuthi abasebenzi bafela emigodini kodwa izikhulu zezimayini zihlangene kwiMining Indaba eseCape Town,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

Uthe bafuna kwenziwe uphenyo olunzulu ngokushona kwalaba basebenzi.

“Sifuna kuphenywe kabanzi ngembangel­a yengozi ngoba kulo nyaka sekushone abasebenzi bezimayini abangaphez­u kuka81. Kuyamangaz­a ukuthi izikhulu eziphezulu zezimayini akukho ezikushoyo ngezingozi ezenzeka ezimayini zakuleli. Sifuna kuqiniswe ezokupheph­a,” kusho uNkk Hlubi-Majola.

UMnuz James Wellssted obhekele ezokuxhuma­na eSibanye Gold udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonel­we. Uthe kutakulwe izidumbu ezimbili zabasebenz­i babo izolo ekuseni.

Uthe basola ukuthi abasebenzi bavaleleke emgodini emuva kokuzamaza­ma komhlaba wathi kodwa wuphenyo oluzocacis­a kahle konke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa