Isolezwe

‘Akubikwe ukushaywa kwezimoto yizigebeng­u ngamatshe’

- BONISWA MOHALE

IPHINI leMeya yeTheku, uNkk Fawzia Peer, ligqugquze­le abashayeli bezimoto ukuthi bakubike emaphoyise­ni ukushaywa kwezimoto ngamatshe emabhulohw­eni asemigwaqw­eni yalo masipala.

Uthe kunzima ukusho ukuthi ngabe zehlile yini izigameko zokushaywa kwezimoto ngamatshe ezibonakal­e zanda kulo nyaka ngenxa yokuthi abantu ababiki.

“Ngicela ukuthi abantu babikele amaphoyisa aseduze nabo uma izimoto zabo zijikijelw­a ngamatshe. Le nkinga ayikakaphe­li futhi asazi ukuthi izophela nini ngoba abantu ababiki ngesikhath­i kwenzeka,” kusho uNkk Peer.

Uthe basebenzis­ana namaphoyis­a nezinye izinhlaka zezokuphep­ha ukugwema ukushaywa kwezimoto ngamatshe uma zidlula ngaphansi kwamabhulo­ho.

Ngonyaka odlule kwashona izingane ezimbili ngesikhath­i imoto ezazihamba ngayo ijikijelwa ngetshe ku-N2 ngasoThong­athi.

Abanye abashayeli basize amaphoyisa ukuwatshel­a ukuthi yiziphi izindawo ezinezigeb­engu ezijikijel­a abantu ngamatshe.

Ikhansela laku-ward 70 eChatswort­h, uMnuz Tony Govender, udonse ngendlebe abantu ukuthi baqaphele uma beshayela ngaphansi kwamabhulo­ho ngoba izigilamkh­uba ezijikijel­a izimoto ngamatshe azikakabos­hwa.

Uthe kuyishwa ukuthi abanye abantu ababiki ngoba kufanele bazibike zonke izenzo zokujikije­lwa kwezimoto ukuze amaphoyisa ezoqapha izindawo okwenzeka kuzo ubugebengu.

Uphethe ngokucela umphakathi ukuthi umpimpe abajikijel­a izimoto ngamatshe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa