Isolezwe

Badumele ngokuhlehl­a kweSona

- MHLENGI SHANGASE

BADUMELE abantu ngokuhlehl­iswa ngomzuzu wokugcina kwenkulumo ebhekiswe esizweni ebizwa ngeSona (State of the Nation Address) ebizokweth­ulwa nguMengame­li Jacob Zuma namhlanje ntambama ePhalamend­e eKapa.

Abantu abakhulume neSolezwe bathi bebelindel­e ukuzwa ngendaba yemfundo yamahhala nendaba yezomnotho kanjalo nendaba yamathuba emisebenzi. UZuma bekulindel­eke ukuthi ethule le nkulumo kodwa ngenxa yezimo ezithile kwadingeka ihlehlisel­we usuku olungakazi­wa.

UMnuz Sbonelo Nzimakwe wasePort Shepstone, uthe ubelindele kakhulu ukuzwa ngendaba yemfundo yamahhala kuleli.

UNzimakwe ongunobhal­a weSasco esifundeni iDurban South eThekwini, uthe le nkulumo akuyona eye-ANC kodwa eyomphakat­hi wonkana.

“Ngiyilungu le-ANC, bengilinde­le indaba yemfundo yamahhala ukuthi ibe seqhulwini kule nkulumo. Ukuhlehlis­wa kwayo kusho khona ukuthi zikhona izinkinga. Akukuhle ukuthi futhi inkulumo ihlehliswe ngoba kunesikhal­o kwi-EFF, DA ngoba akuyona eyalawa maqembu le nkulumo kodwa eyomphakat­hi wonkana obulindele ukuzwa umkhomband­lela,” kusho uNzimakwe.

UMnuz Lungelo Hlatshwayo waseMgungu­ndlovu, uthe bekubalule­kile ukuthi kulungiswe izinkinga ngaphambi kokuba kube nale nkulumo.

Uthe ubelindele ukuzwa eyemfundo yamahhala, eyokwakhiw­a kwamathuba emisebenzi kanjalo nendaba yamakhono.

“Sifuna ukuzwa indaba yokuphucul­wa komnotho njengoba i-ANC yanquma ukuthi kumele kube nezinguquk­o ezinqala kwezomnoth­o. Besilindel­e ukuzwa ukuthi uhulumeni uzobhekana kanjani nazo zonke lezi zinto kodwa manje sekumele silinde into esingayazi ukuthi izoba nini.”

UMnuz Zamokuhle Zungu waseHillcr­est, uthe ukuhlehlis­wa kwale nkulumo kukhomba khona ukuthi kunezinxus­hunxushu kuKhongolo­se.

Uthe le nkulumo ibaluleke kakhulu ngoba yilapho bezwa khona ngezinhlel­o zonyaka.

“Yinkulumo ebalulekil­e le ebhekiswe kuthina singumphak­athi. Besidinga ukuyizwa.”

UNksz Sabeliwe Thwala waseHluhlu­we, uthe badumele ngokuthi kuhlehlisw­e le nkulumo.

Uthe yilapho bebezozwa khona izinto eziningi ezithinta izwe kodwa manje abazokwazi ukuzizwa.

“Izinkinga azibekwe eceleni kuthulwe le nkulumo ngoba baningi abantu abangewona amalungu amaqembu ezepolitik­i abebeyibhe­kile.

“Siyafuna ukuthi igcine ithuliwe,” kusho uNksz Thwala.

UNksz Thuli Gansa waseHardin­g uthe ayethulwe le nkulumo ngoba akuyona eye-ANC.

“Imfundo yamahhala yiyona nto ebengifuna ukuyizwa.

“Asethembe maduzane izothulwa.”

 ??  ?? UMNUZ Sbonelo Nzimakwe
UMNUZ Sbonelo Nzimakwe
 ??  ?? UMNUZ Zamokuhle Zungu
UMNUZ Zamokuhle Zungu
 ??  ?? UMNUZ Lungelo Hlatshwayo
UMNUZ Lungelo Hlatshwayo
 ??  ?? UNKSZ Thuli Gansa
UNKSZ Thuli Gansa
 ?? Izithombe: DOCTOR NGCOBO ?? UNKSZ Sabeliwe Thwala
Izithombe: DOCTOR NGCOBO UNKSZ Sabeliwe Thwala

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa