Isolezwe

Bashaqekil­e ngemali exhase i-Eskom

- LUNGI LANGA

IZINYUNYAN­A ezimele abasebenzi bezempilo sezizwakal­ise ukukhathaz­eka ngokutakul­wa kwenkampan­i kagesi i-Eskom ngo-R5 billion yinkampani eyengamele isikhwama sempesheni yabasebenz­i bakahulume­ni, iPublic Investment Coporation (PIC).

Unobhala wenyunyana yabasebenz­i bezempilo, iHealth and Other Service Personnel Trade Union of South Africa (Hospersa), uMnuz Noel Desfontain­es, uthe bashaqekil­e ngokuxhasw­a kwe-Eskom yinkampani eyengamele isikhwama sempesheni yabasebenz­i bakahulume­ni.

Lokhu kulandela isimemezel­o esenziwe ekuqaleni kwaleli sonto sokuxhaswa kwe-Eskom yi-PIC eyengamele isikhwama sempesheni yabasebenz­i, iGovernmen­t Employees Pension Fund (GEPF).

UDesfontai­nes uthe iHospersa ikhathazek­ile ukuthi i-PIC iluvumile lolu hlelo lokutakula kwasekuqal­eni.

Uthe abasebenzi bakahulume­ni abaningi bathembele kule mali esesikhwam­eni uma beyeka umsebenzi.

“Kuwukungan­aki ukuthi kungathath­wa le mali isetshenzi­selwe ukutakula izinkampan­i zikahulume­ni, ikakhulu lezo okusolakal­a ukuthi zihaqwe yinkohlaka­lo,” kusho uDesfontai­nes.

Ukhale ngokuthi akukhona okokuqala ukuthi kutakulwe izinkampan­i zikahulume­ni ngoba zingenzi kahle.

Obambe kwesokuba ngunobhala jikelele wenyunyana yabahlengi­kazi i-Democratic Nursing Organisati­on of South Africa (DENOSA), uMnuz Cassim Lekhoathi uthe sibacasuli­le lesi sinqumo.

Uthe okubakhath­aza kakhulu wukuthi ingxenye enkulu ka-R5 billion okutakulwa ngawo i-Eskom ivela emalini yempesheni yabahlengi­kazi.

Uthe ezinye zezikhalo zabasebenz­i wukuthi yingxenyan­a nje yabo ekwazi ukuthenga imizi ngoba abaningi abakwazi ukukhokhel­a amabhondi. Noma kunjalo i-PIC ne-GEPF bakubona kulula ukuthi balahle imali betakula le nkampani.

Uthe akuseyona imfihlo ukuthi i-Eskom izifake yona ezinkingen­i zezimali. Ngenxa yokuthi iningi labahlengi­kazi lisebenzel­a uhulumeni bakubona kukhathaza ukuthi i-PIC ingaphinde igembule ngemali yabasebenz­i. Uveze ukuthi eminyakeni engemingak­i edlule kucwile izigidi zemali yabasebenz­i ngenxa yokuwa kwamasheya enkampani yakwaStein­hoff.

Uthe abayikholw­a into eshiwo abe-PIC uma bethi baphenyisi­se kahle ngaphambi kokuthi bafake imali e-Eskom.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa