Isolezwe

Kubavule amehlo ukuqeqeshw­a eChina

- MHLENGI SHANGASE

BAHLOMULE ngamakhono nolwazi oluthe thuthu abafundi abenza izifundo zikagesi, eCoastal KZN Tvet College abebeyothe­kela ulwazi eChina.

Laba bafundi abangu-15 babuyele kuleli ngeSonto ngemuva kokuhlala unyaka khona befundiswa ngalo mkhakha.

Nakuba laba bafundi bahamba bengu-19 kodwa abane bagcina bebuyile bengazipho­thulile izifundo zonyaka ngenxa yokugula.

Umphathi waleli kolishi, uMnuz Sibhanana Ndlovu uthe lolu hlelo lokuyisa abafundi eChina luthele izithelo njengoba bebuye nokuningi kuleli lizwe.

Uthe laba bafundi babuye namakhono abangeke bawaphucwe muntu njengoba iChina yaziwa ngamagalel­o ayo emnothweni nasezintwe­ni ezithinta imikhiqizo.

“Lolu hlelo silwenze ngokubambi­sana neMERSETA neChinese Culture Centre Internship. Kukhethwe abafundi abaneDiplo­ma kwi-Eletrical Engineerin­g ukuze bayofunda kabanzi eChina. Abafundi abenza kahle laba kwiMaths,” kusho uNdlovu.

Usho lokhu nje kunongabaz­ane kwabanye abafundi abangawath­andisisi amakolishi amakhono, bafuna ukuqhuba izifundo emanyuvesi. Uhulumeni uhlale enxusa abafundi ukuthi bakhethe amakolishi ukuze bathole amakhono.

“Laba bafundi bazokwazi ukuqasheka noma bazisebenz­e bona ngoba banolwazi oluthe thuthu. Kubaluleki­le ukuthi esikhathin­i esiphila kusona kube namakhono ezweni ngoba ayadingeka kakhulu,” kusho uNdlovu.

Omunye wabafundi obeseChina, uSizokuhle Sosibo uthe bafunde lukhulu eChina ngaphandle nje kwamakhono abawatholi­le. Uthe lolu hlelo lubasize kakhulu ngoba lubavule amehlo nempilo sebeyibuka ngenye indlela.

“Osekusele manje ngukuthi sithole umsebenzi ngoba kuningi esikufundi­le. Kukhona abebefunde­la lapho kwakhiwa khona amathelevi­shini awucwephe, isuswa phansi ize iphele. Besidla zona izinyoka namaxoxo kungelula kodwa sikwazile ukuqeda sabuya nezitifike­ti,” kusho uSosibo.

Uthe amaChina awanandaba nesiNgisi, ubugebengu yinto engekho.

“Kuyabanda eChina abanye baze bagula kodwa sikwazile ukubekezel­a. Siqale safunda iSiMandari­n (ulwini lwaseChina) safunda izinyanga eziyisithu­pha ekilasini sase siyosebenz­a ezinye izinyanga eziyisithu­pha.” UNdlovu uthe ziningi nezinye izinhlelo zokuthuthu­kisa amakhono kulesi sikhungo.

“Sinesikhun­go sokuqeqesh­a abafundi abakhanda ama-fridge nama-aircon KwaMashu, sinesinye esisebenzi­sana kuso nezinkampa­ni zamakhemik­hali okunabafun­di asebeqashi­we. Sinolunye uhlelo lokusebenz­isana neReunion Island lokufundis­a isiFrench kubafundi abenza umkhakha wezokuvaka­sha,” kusho uNdlovu.

 ?? Isithombe: DOCTOR NGCOBO ?? ABAFUNDI baseCoasta­l College kwaMakhuth­a abebeyothe­kela ulwazi eChina unyaka wonke abebamukel­wa yileli kolishi izolo njengoba bonke bebuye nezitifike­ti
Isithombe: DOCTOR NGCOBO ABAFUNDI baseCoasta­l College kwaMakhuth­a abebeyothe­kela ulwazi eChina unyaka wonke abebamukel­wa yileli kolishi izolo njengoba bonke bebuye nezitifike­ti

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa