Uzobuyela enkantolo ngelobhejane nezibhamu
UZOBUYELA enkantolo ngoFebhuwari 15, owesilisa owabanjwa ezama ukubulala obhejane esiqiwini iMakhamisa, KwaMbonambi.
Izolo, uMnuz Amos Lubisi (20) uvele eNkantolo yeMantshi KwaMbonambi, icala lakhe lahlehliselwa uLwesine oluzayo. Uzoqhubeka nokugqunywa ezitokisini.
ULubisi wanikelwa wumphakathi emaphoyiseni emuva kokweqa esiqiwini akade ezame ukubulala obhejane ngoJanuwari 28.
Isolezwe lithole ukuthi uLubisi wayehamba nozakwabo ababili ngoJanuwari 28 ngabo9.45 ebusuku bezingela obhejane esiqiwini. Kuthiwa ngesikhathi abaqaphi bezilwane zasendle besondela koLubisi bavele baphendula ngenhlamvu, nabaqaphi babuyisela ngayo.
Kwafa amadoda amabili ayehamba noLubisi, yena wasindiswa wukubaleka.
Abaqaphi bobhejane bathola izibhamu ezinkulu ezisetshenziswa uma kudutshulwa obhejane nezinye izilwane zasendle, okubalwa kuzo ama-404 amathathu anezinhlamvu, eyodwa eyayinepayipi lokuvimba umsindo wesibhamu esidubulayo, izipopolo zama-404 ezimbili nezimbazo ezimbili.
ULubisi kuthiwa wathi esebaleke wayofika KwaMbonambi wabonwa ngabantu ukuthi uvela esiqiwini babiza amaphoyisa waboshwa.
Uhlale izinsuku ezimbili esibhedlela iNgwelezane eqashwe ngamaphoyisa ngaphambi kokuboshwa.
UColonel Thembela Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe umsolwa (20) ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokuzingela ngokungemthetho.
UMnuz Musa Mntambo obhekele ezokuxhumana kwezeMvelo KZN Wildlife, uthe:“Sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela obhejane bethu nezinye izilwane zasendle. Abaqaphi bezilwane zasendle bahlome shi ukuze bavikele izilwane. Sigqugquzela umphakathi ukuthi uqhubeke nokuncinza amaphoyisa indlebe uma ubona izigebengu,” kusho uMntambo.
Uthe bangu-18 obhejane asebebulewe KwaZulu-Natal kulo nyaka.